
Sekusele ‘amathizethize’ oweCity ajoyine iBucs
Umdlali wasemuva wePolokwane City, uThabang Matuludi, ungomunye wabadlali abahalelwa kakhulu yi-Orlando Pirates njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje.
Phambilini, uMatuludi ubesohwlini lwabadlali abafunwa amanye amaqembu eBetway Premiership okuyiKaizer Chiefs neStellenbosch FC.
Kodwa ngokomthombo osondelene nePolokwane City, lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala usezoya kumaBhakabhaka.
UMatuludi ungomunye wabadlali okubhekwe bangene esikwatini seBafana Bafana maduze kanti ukujoyina iPirates kungakusheshisa lokho.
Ngokubika kwePhakaaathi, amakilabhu womabili asexhumenile mayelana ngokudayiselana lo mdlali.
“Yebo, yiqiniso. Ngike ngatshelwa ukuthi sekuke kwaba khona ukuxhumana nePirates.
“Kodwa ake silinde futhi sibone ukuthi kwenzekani kulo lonke iwindi,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Uyazi ukuthi iPirates ithanda ukwenza izinto zayo ngasese kanti phambilini ike yashiya imali eputshuzwe kwabezindaba.
“Okwamanje konke kufihliwe kodwa ngethemba ukuthi ukhona umnyakazo owenzekayo ngoba umfana useyisebenzele kahle iPolokwane City.”
Naphezu kwemibiko eqhubekayo ngekusasa lakhe, uMatuludi uphinde wadlala kahle bebambana ngo 1-1 neSekhukhune United emdlalweni weligi ngeSonto.
