
Uziphendlela isikhundla kwiChiefs ‘umngani’ ka-Inacio
Unozinti wase-Angola, uHugo Marques, usedalule isifiso sakhe esikhulu sokujoyina iKaizer Chiefs.
Unethemba lokuthi uzophinde ahlangane nozakwabo wase-Angola u-Inacio Miguel kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Ekhuluma nePan-Africa Football, uMarques uveze izinhlelo zakhe ngekusasa.
Ukuqinisekisile ukuthi usekulungele ukushiya iPetro de Luanda uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni.
“Uma kukhona okuvelayo (kwiChiefs), ngingaya kalula ngoba u-Inacio ukhona.
“Sengikhululekile manje. Ngingasayina inkontileka yesibambiso neChiefs,” usho kanje uMarques.
Lo nozinti oneminyaka engu-38 ubudala uveze ukuthi izinkunzi zaseSoweto bezilokhu zikhombisa ukumthanda.
Yize engalikhiphanga ngembaba, kepha ukhombise ukuthi leli qembu laqala ukumhalela esekwiCape Town City.
“IChiefs ibihlezi ingishela, manje sengikhululekile. Ngingayijoyina iChiefs ngesizini ezayo.”
Iphephandaba lase-Angola, iJornal de Angola lona libika ukuthi iTP Mazembe yaseDR Congi nayo inentshisekelo kuMarques.
Kodwa akukho okusemthethweni osekukhona okuvela kuleli qembu laseCongo.
“Nokho iKaizer Chiefs yaseNingizimu Afrika, yize ingakasivezi isifiso sayo, ibilokhu inentshisekelo ngalo mdlali,” kubika leli phephandaba.
IChiefs isazothola ozovala isikhala sika-Itumeleng Khune futhi njengamanje izama ngoFiacre Ntwari, uBrandon Petersen noBruce Bvuma.
UMarques angase abe yisixazululo sesikhashana esingasiza uNasreddine Nabi osizini abhekene nalo ngonozinti.
Lo mdlali wase-Angola unamava amahle njengoba esize iPetro De Luanda ifike esigabeni somkhumulajezi kwiChampions League ngesizini edlule.
Lo nozinti oke wavimva eqenjini lesizwe lase-Angola, iPalancas Negras uphinde wajoyina iPetro de Luanda ngo-2023 ngemuva kokushiya kungazelelwe kwiCape Town City yaseNingizimu Afrika.
Washiya ngesikhathi esengomunye wonozinti abahlonishwayo kwiPSL, enqobe nomklomelo wokuba ngunozinti ovelele ngesizini ka-2021-22.
UMarques ubevelele kuPetro de Luanda ngesizini ka-2023-24 Girabola e-Angola, la engenelwe khona amagoli angu-11 kuphela emidlalweni engu-28 yeligi.
