
UMngqithi uyibuka ngelinye isolo eyokuphela kweRoyal AM
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, usezwakalise ukukhathazeka ngokuthi i-Royal AM ingase idingiswe kwiPremier Soccer League.
Ukhathazeke ngokuthi uma idingiswa, ibhola laKwaZulu-Natal (KZN) lizosala nesibalo esincane samaqembu adlala esigabeni esiphezulu.
Ikusasa leRoyal AM lisezandleni zomhlangano omkhulu wedigungu esengamele iPSL ozoba ngoLwesine okuyiwo ozonquma ngaleli qembu.
Ikomiti eliphezulu lePSL lifake izincomo zokuthi i-Royal AM inqunywe kwiPSL ngenxa yezinkinga ebhekene nazo nokwephula imithetho okwenzekile.
UManqoba Mngqithi, ongowokuzalwa eMzimkhulu, uthi lesi sifundazwe sihlomule kakhulu ngokuba namaqembu amaningi esigabeni esiphezulu.
Futhi manje uManqoba Mngqithi unovalo lokuthi ukunqunywa kwe-Royal AM kuzoba yisithiyo esikhulu esifundazweni.
“Ngicabanga ukuthi kuyishwa nje, futhi angicabangi ukuthi yisimo esingasilawula lesi,” kusho uMngqithi.
“Bekumnandi ukuba namaqembu amaningi esifundazweni. Bekungaba ngcono kakhulu ukube iDurban City nayo izojoyina kulawa akhona.
“Lolo hlobo lokumeleleka lunikeza amakilabhu aseKZN ithuba elingcono ekulweleni izicoco.”
Uhlonze izinselelo amaqembu asogwini abhekana nazo kule ligi ephezulu.
“Ukuhambela imidlalo kuyinkinga enkulu. Amaqembu amaningi azinze eGauteng, futhi lowo mthwalo wokuhamba wengeza ingcindezi, ikakhulukazi uma amakilabhu engenabo abaxhasi,” kuchaza uMngqithi.
“Uma ezodlala imidlalo eminingi esifundazweni, lokho kuvumela amaqembu ukuthi aphathe kangcono izinsiza futhi onge nemali ukuze ahehe abadlali abangathuthukisa izinga lawo.”
UManqoba Mngqithi ukholwa ukuthi ukulahlekelwa yiRoyal AM kuzophazamisa kakhulu ibhola eKZN.
“Kuyishwa uma kuphela ngeeyodwa yamakilabhu, futhi indlela izinto ezibukeka ngayo, cishe kuzokwenzeka lokho.”
