
Okhuliswe yiBucs uveza imfihlo kaRiveiro ngabadlali abancane
Omunye wabadlali abaphuma enkulisa ye-Orlando Pirates usedalule ukuthi obengumqeqeshi uJose Riveiro ubenza kanjani ukubalungiselela iqembu elikhulu.
UJose Riveiro, ophakamise izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu namaBhakabhaka, unconywa kakhulu ngokuvulela abadlali abancane umnyango.
Izihlabani ezisencane ezinjengoRelebohile Mofokeng noMbekezeli Mbokazi seziphenduke izethenjwa kwiBafana Bafana, kwathi uMohau Nkota wathola iqembu eSaudi Arabia.
ULonwabo Magugwana, obolekiswe kuChippa United, naye useqalile ukuzakhela igama lakhe ngemuva kokuphuma enkulisa yePirates, kanti uncoma uJose Riveiro.
“Umqeqeshi uRiveiro ubehlukile. Ubekwazi ukuxhumana nomuntu ngamunye, eqinisekisa ukuthi uyawaqonda amaqhinga akhe.
“Kodwa bese ekuvumela ukuthi uveze nekhono lakho ngendlela yakho,” uMagugwana usho kanje kwabeFARPost.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ukhumbule izingxoxo abe nazo noRiveiro la bebengagcini ngokuxoxa ngebhola kuphela.
“Ubethobile. Ubefuna ube sesimweni esifanele, hhayi nje njengomdlali kodwa njengomuntu.
“Ubehlale ethi, ‘Uma ungena enkundleni, shiya yonke into esangweni.’”
FUNDA NALA | Inkakha isola ipolitiki ekuqokweni kweBafana
UMagugwana ukholwa ukuthi lokhu kumsize ukuthi aqine ngokomqondookuyinto edingekayo ebholeni elikhokhelayo.
