Ezintsha

Siyamsebenzela isiqalo esisha eTanzania uDe Reuck 

Lo mdlali wasemuva usephenduke ingozi noma kuyiwa phambili, ekhombisa izinga eselimenze waba mqoka eqenjini.

UDe Reuck – obekade ekwiMamelodi Sundonws iminyaka emine edlule – usanda kuba nomunye umdlalo oncomekayo la ephinde wahaya igoli imidlalo ilandelana. 

Igoli lakhe lakamuva liqhamuke ngesikhathi iSimba inqoba ngo 3-0 ishaya iNamungo, lapho igalelo lalo mdlali owake wagijima kwiBafana Bafana lihlale obala.

UDe Reuck uklonyeliswe ngendlela efanele ngendondo yoMdlali oVelele ngemizamo yakhe emdlalweni weNamungo. 

Lokhu kugqamisa umthelela wakhe eqenjini: akagcini nje ngokwenza kube nozinzo emuva, okusiza iqembu lingangenelwa magoli. 

Kodwa futhi ubuye afake nesandla uma kuhlaselwa, akwazi ukuqiniseka ukuthi amagoli awaqhamuki kuphela ngabadlali baphambili. 

Lesi sitobha – esijoyine iSimba nozakwabo abebenaye kwiSundowns uNeo Maema – useyikhongco elibalulekile kwiSimba. 

Umgqigqo wakhe wamanje uphakamisa ukuthi udlala ibhola elihle kakhulu futhi uvuselela ibhola lakhe kusukela athuthela e-East Africa.

Uma eqhubeka ngalo mgqigqo wakhe, angase abe sethubeni lokubuyela kwiBafana Bafana ebheke kwi-Africa Cup of Nations ngoDisemba.