Ezintsha

UKnox Mutizwa uphawula ngokugajwa kwi-Arrows, nethuba elisha

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uhlukane neGolden Arrows ngesizini edlule ngendlela engalindelekile.

Kuvele izinsolo zokuthi ubesekhululeke kakhulu kuBafana Bes’thende, futhi sekukhona nokwangaphandle kwenkundla okumphazamisayo.

Ushiye nje nguye obeseqophe irekhodi elihle lokushaya amagoli amaningi kuleli qembu njengoba enangaphezu kuka-60.

“Ngiyazi ukuthi ngiyishiye kanjani kwiGolden Arrows, kodwa ibhola linjalo – siqhubekela phambili. 

“Ngibonga kakhulu ngethuba engilinikwe yiRichards Bay,” kusho uKnox Mutizwa kwiSABC Sport

UKnox Mutizwa uvumile ukuthi ukushintsha amakilabhu njalo akulungile, kodwa wagcizelela ukuthi usaziqhenya ngalokho akuzuzile ebholeni.

“Ngicabanga ukuthi ngishaye amagoli anele ukuze ngibe phezulu. Akukuhle ukusuka kwelinye iqembu uye kwelinye, kodwa impilo iyenzeka. 

“Kumele ubonge ukuvuka, ukuba nomsebenzi, naphakathi kwabantu abakunikeza lelo thuba.”

Lo mdlali waseZimbabwe usedlale emaqenjini ambalwa kusukela afika kuleli okukhona kuwo neBidvest Wits esidlala ezigabeni zama-amesha.

Kodwa uthi ukholo lwakhe nengqondo yakhe kumenza aqhubeke noma engahambi kahle emaqenjini asuke kade ekuwo.

“Ngalezo zikhathi ezinhle nezimbi, ngivele ngivuke ngithandaze. Nginomsebenzi, nginethuba lokukhombisa ithalente lami. 

“Omunye akekho la efisa khona. Yingakho ungeke ungiphazamise kalula – ngizoqhubeka nje.”