EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi ugudle uMokwena ‘ngokuthanda ukubukwa’ 

  • Sibongiseni Gumbi

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-54, owaziwa ngokuzithulela nokuba nomoya ophansi, ugudle uMokwena ngesikhathi echaza indlela ithimba lakhe elimlekelela kwiSundowns alihlanganise ngayo. 

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoMsombuluko, uMngqithi ugcizelele ukubaluleka kokuzithoba ethimbeni lakhe. 

“Angibalethi abantu ngoba kungabazala noma omalume, noma okunye okunjalo” usho kanje. 

“Bengihlezi ngiletha abaqeqeshi abanohlonze ukuthi babe seduze kwami. 

“Ngithanda ukusebenza nabantu abangalweli ukubonakala kumabonakude, abangathandi ukubukwa nabangalweli ukuthi kwaziwe ukuthi bazi kangakanani (ngokuqeqesha).” 

Yize uMngqithi engazange ababule gama lamuntu, kodwa kusobala ukuthi le nkulumo yakhe beyigudla maphi amaguma. 

Phela uMokwena uyena owaziwa ngokufuna ukunakwa kwabezindaba nobehlezi ekhala ngokungathathelwa phezulu komsebenzi wakhe. 

UMokwena kuthiwa uphinde wazama ukuhlakaza ithimba lakhe ukuze alande abantu bakhe, okuhlanganisa nomngani wakhe omdala uSinethemba Badela, osejoyine uMokwena kuWydad Athletic yaseMorocco.

UMngqithi ulincomile ithimba lakhe lamanje, wagqamisa ukukhetha kwabo ukusebenza ngokuthula ngaphandle kokufuna udumo. 

Ethimbeni lakhe unomqeqeshi omkhulu uSteve Komphela, uWendel Robinson ongumqeqeshi wonozinti, nephini lakhe uRomain Folz. 

“UWendel wenze umsebenzi oncomekayo kwiSundowns kodwa akakaze akhulume, akaze eye kwabezindaba,” kusho uMngqithi. 

“NgoRomain (Folz), maduze nje abantu bazobe bemncoma bengaqedi. USteve yena – wonke umuntu uyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza.”

UMngqithi uzwakalise ukuzethemba ngethimba lakhe, ethi lizokwenza umsebenzi omuhle. 

“Sibhekene nocezu olukhulu kakhulu lwekhekhe kwiSundowns futhi kunzima ukuthi ngikwazi ukulidla ngedwa. Likhulu kakhulu. 

“Ngakho-ke, maduze nje… Angithi nje ngiyethemba ukuthi kuzofakazeleka lokhu engikushoyo maduze,” kwengeza yena.