
Ingabe usejike umqondo? U-Ouaddou nesifiso ngesizini ezayo
Ungqondongqondo we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou useveze isifiso sakhe esikhulu sesizini ezayo – uthi ufuna isicoco seCaf Champions League.
Ekhuluma noThomas Mlambo kwi-Extra Time, kuthiwa lo somaqhinga waseMorocco uvez elesi sifiso sakhe.
“Ngesizini ezayo uhlelo wukunqoba iChampions League,” kuthiwa usho kanje ngaphambi kokuqala kwalolu hlelo.
Usekhuluma kanjena nje ubekade eshiye abalandeli bekhungathekile eveza ukuthi ukhathele, akazi noma uzobuya yini ngesizini ezayo.
Kodwa manje kubukeka u-Abdeslam Ouaddou esebye wajika ukucabanga ngokufuna ukuhlaba ikhefu ekuqeqesheni.
Ithubalokudlala kwiChampions League kubukeka selimele wabuyela umfutho wakhe.
Lesi sicoco ngesinye esifiswa kakhulu abalandeli nePirates njengoba selokhu yasigcina ngo-1995.
Njengoba ekwazile ukuhlanganisa iqembu eliphula amarekhodi ngesizini yakhe yokuqala, u-Ouaddou kubhekwe akhele phezu kwalesi sisekelo.
Kodwa ke kusazolindwa ukuthi kuqinisekiswe ikusasa lakhe, nezinye izinguquko ezizoba khona eqenjini.
IPirates kubhekwe ilahlekelwe yinqwaba yabadlali okubhekwe bathathwe amaqembu aphesheya uma sekuvulwe iwindi ngoJulayi.
Abadlali abafana noRelebohile Mofokeng no-Oswin Appollis sekunesikhathi kuvela ukuthi kunamaqembu abahalelayo phesheya.
