EzintshaKaizer Chiefs

Umhlaziyi ungabaza umthelela kaPule Mmodi kwiKaier Chiefs

UMmodi ujoyine iChiefs esuka kwiGolden Arrows la abeyisihlabani khona futhi eshaya namagoli abalulekile. 

Kodwa kuMakhosi akubukeki kumhambela kahle, futhi lowo owayengumdlali wasesiswini kwiChiefs, manje osengumhlaziyi uJunior Khanye useveze ukumngabaza. 

Ekhuluma kwi-iDiski TV lapho esengumhlaziyi khona, uKhanye uzwakalise ukungeneliseki kwakhe ngegalelo likaPule Mmodi kwiKaizer Chiefs. 

UPule Mmodi uwuqalile umdlalo kodwa akazange ahlabe umxhwele njengoba iKaizer Chiefs ihlulwe ngo 1-0 ibhekene neqembu lase-Angola iKabuscorp SCP kwiCaf Confederation Cup.

“Uma njengomqeqeshi uhlola ukuthi uhlulwe ngo 3-1 (yiSekhukhune kwiligi), bese uqala ngoMmodi… akazange asinike lutho kulo mdlalo,” kusho uKhanye.

“UNasreddine Nabi (obengumqeqeshi weChiefs) ubejwayele ukudlalisa lo mfana imidlalo engu-10 ilandelana.

“Kodwa yini ayenzela iqembu? Akukho! Uyangenza ebhokisini, kodwa akalikhahleleli ipali… 

“Kuhlezi kunguye okufanele alandelele ngemuva uma sekumakwa. Anginaso isiqiniseko ngaye.”

UKhanye unobudlelwano obungebuhle naleli qembu lakhe lakudala selokhu aba ngumhlaziyi njengoba ehlale eqinisa ulimu uma ephawula ngalo. 

Khonamanjalo, iChiefs izodlala umlenze wesibili neKabuzcorp eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama lapho kulindeleke ukuthi iguqule umphumela.