
Ibophele kanje iChiefs, uMayo uveza abadinga kukwenza
Umgadli weKaizer Chiefs, uKhanyisa Mayo, usencome isimo esihle ekhempini yaMakhosi ngaphambi komdlalo wabo obalulekile weCaf Confederation Cup.
Leli qembu leNaturena lizokwamukela iziqhwaga zase-Egypt iZamalek emdlalweni walo wesibili kaGroup D ePeter Mokaba Stadim ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UKhanyisa Mayo, osanda kubuya ekulimaleni, uthi ujabule ngalokho akubona eqenjini, futhi ukholwa ukuthi sebeyilungele inselelo ezayo.
Njengoba ihluliwe emdlalweni wayo wokuqala ibhekene nelinye iqembu lase-Egypt i-Al Masry ngempelasonto edlule, iKaizer Chiefs idinga umphumela omuhle.
“Kuba ngumdlalo webhola ohlukile uma kukhulunywa ngemiqhudelwano yeCaf,” kuvuma uKhanyisa Mayo.
“Amaqembu aseNyakatho Afrika asebenzisa amandla kakhulu uma eqhathaniswa namaqembu aseNingizimu Afrika, kodwa siyilungele inselelo yabo.
“Isimo ekhempini sihle kakhulu futhi silindele umdlalo omuhle kakhulu.”
UMayo, onamava okudlala ezwenikazi, ugcizelele umthwalo olethwa ukumela ikilabhu esigabeni sebhola lase-Afrika.
“Ukudlala emiqhudelwaneni ye-Caf kuza nomthwalo omkhulu,” kwengeza lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala obolekiswe yiqembu lase-Algeria i-CR Belouizdad.
“Njengomdlali, ufuna ukuzibona udlala kwiCaf njalo ngaso sonke isikhathi futhi kuyinkundla enhle yokuzibonakalisa eqenjini nakubadlali.
“Akulula, kodwa ukudlala ekhaya lethu kuzokwenza kube ngcono ngoba sizoba nabalandeli bethu.”
Njengoba umdlalo usekhaya, abadlali bazothembela emfuthweni abazowufakwa abalandeli ukubalekelela kulo msebenzi onzima obahlalele.
“Siyamdinga umdlali wethu ka-12 enkundleni,” kuqhuba uMayo. “Ukuseseka kwabo kuzosifaka umfutho omkhulu njengoba sifuna amaphuzu aphelele.”
FUNDA NALA | U-Okon uthi yena ungowaseNingizimu Afrika
UMayo nokho akekho ngisho ebhentshini eqenjini lalo mdlalo wangoMgqibelo, okungenzeka kungoba usanda kubuya ekulimaleni.
- Ibophele kanje iChiefs (3-4-3: Petersen – Kwinika, Cross, Inacio – Solomons, Mmodi, Maboe, Mthethwa – Sirino, Shabalala – Ighodaro
- Ebhentshini: Bvuma, Msimango, Mako, Monyane, Matlou, Ngcobo, Velebayi, Vilakazi, Da Silva
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
