Bafana BafanaEzintsha

Uchaze abaningi u-Ime Okon eqhulula isiZulu esomile

U-Ime Okon uqokiwe kubadlali abangu-54 okuzokhishwa kubo isikwati seBafana Bafana esizoyodlala kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon). 

Ngemuva kokuvelela kwiSuperSport United kumasizini amabili edlule, ube esedlulela kwiHannover 96 edlala esigabeni sesibili eGermany.

Futhi uthi usefike wajwayela khona, wakhula nangokwebhola njengoba indlela okudlalwa ngayo ishesha kuneyakuleli. 

Lo mdlali uzalwa ngabazali abanobuzwe obuhlukene – unina ngowakuleli kanti uyise yena ngowaseNigeria.

Lokhu kumenza avuleleke ukuthi engadlalela nona yiliphi kulamazwe womabili, kodwa akuluma kwiSport On yeRadio 200o kuleli viki, uzibophezele eNingizimu Afrika.

Uthuse futhi wajabulisa abaningi njengoba ebekhuluma abuye afake isiZulu esihle, ekhombisa ukuthi nebala ungowakuleli.

“Abantu bahlezi bekhuluma, angazi ngithini ngabo,” kusho u-Ime Okon kule ngxoxo kuleli sonto.

“Kodwa mina ngiyazi ukuthi inhliziyo yami ikuphi. Ngidlalele iNingizimu Afrika emidlalweni yeCosafa, ngashaya negoli.

“Alikho elinye izwe engilaziyo ngaphandle kweNingizimu Afrika – iyikho konke kimi. Kusekhaya lapho.

“Yilokho kuphela engingakusho.” Ube esebuzwa ukuthi uma engabizwa eqenjini leNigeria engenza njani.

“Hhayi angiboni kwenzeka. Kodwa noma bengangibiza ngeke ngivume,” kuqhuba lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala. 

“Mina ekhaya kuseNingizimu Afrika. Yilokho nje engingakusho njengamanje.”

Manje usebheke ukuthi abe yingxenye yeqembu uHugo Broos azolithatha aye nalo eMorocco kwi-Afcon ngenyanga ezayo.