
IKaizer Chiefs iyacucuza, ingase ilahlekelwe umdlali
Kunomdlali wasesiswini weKaizer Chiefs odunguza ebumnyameni ngekusasa lakhe kule kilabhu yaseNaturena.
Lokhu kulandela ukuthi iKaizer Chiefs ingakasho lutho ngokuvuselelwa kwenkontileka yakhe ephela ngoJuni.
Yize uGeorge Matlou esephinde wathola ifomu ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi, akanaso isiqiniseko ngekusasa lakhe kuleli qembu.
UMatlou uthwale kanzima ekuqaleni kwesizini ngenxa yokulimala, kodwa usebuyile futhi wenza kahle eqenjini.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
Usengomunye wabadlali abamqoka esikwatini sikaNabi. Nokho iSABC Sport iveza ukuthi iChiefs ayikasho lutho ngekusasa lakhe.
Lokhu kusho ukuthi ukhululekile ukuxoxisana nanoma iyiphi ikilabhu enentshisekelo ngaye.
Nangesizini edlule, iKaizer Chiefs yathatha kude ngesinqumo sayo sokusebenzisa umbandela wokwelula inkontileka yakhe.
Ekugcineni bayelula, kodwa lokho kwaze kwenzeka ngoJuni 30, usuku lokuphela kwenkontileka.
Uma kungekho nkontileka entsha ayinikezwayo, angase ashiye, asayinwe ngelinye iqemu mahhala.
Umbiko weSABC Sport uthi uMatlou uzimisele ngokuqhubeka nokusebenza noNabi.
IKaizer Chiefs yakha kabusha ngaphansi kukaNabi, kanti isizini ezayo izobaluleka kakhulu kulo mqeqeshi waseTunisia.
Nokho amakilabhu ayizimbangi kwiPSL kuthiwa ayasazi isimo sikaMatlou futhi angase amnqake uma iChiefs icucuza.
Kusukela ngoJulayi 1, angasayina nelinye iqembu mahhala.
- FUNDA NALA | Useqokiwe ovala esikaSeema kwiSekhukhune
IChiefs ibhekane nesimo esifanayo ngonyaka odlule. Abadlali abadala uSifiso Hlanti noKeagan Dolly basale bedidekile njengoba izinkontileka zabo zaziphela.
Ikilabhu ayizange izivuselele izinkontileka zabo, kwadingeka ukuthi bathole amaqembu amasha.
UMatlou unethemba lokugwema isiphetho esifanayo. Ikusasa lakhe alikaqiniseki, futhi isikhathi siyahamba sokuthi iChiefs ithathe isinqumo.
