
UHunt uyazethemba ngecebo lokucoboshisa iPirates
Ngu-Alfred Ngubane
Umqeqeshi weDurban City FC, uGavin Hunt, uthi banecebo elilolongwe kahhle lokucoboshisa i-Orlando Pirates uma sebehlangene nayo ngoMgqibelo.
La maqembu azohlangana okokuqala selokhu iDurban City yashintsha igama layo ilaxaza eleMaritzburg United eminyakeni emithathu edlule.
Lo mdlalo olindelwe ngabomvu weBetway Premiership useMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-3.30 ntambama.
UGavin Hunt udalule ukuthi ithimba lakhe elimsiza ukucija iDurban City lenze umsebenzi omuhle ukuhlaziya i-Orlando Pirates.
“Sibahlaziye kahle, kusukela endleleni abaqala ngayo ukudlala baze bayofika ngayo phambili,” kusho uHunt kuleli sonto.
“Sibonile ukuthi indlela abebedlala ngayo ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro ngesizini edlule ayifani neyamanje.”
Ubalulile ukungaqondakali kwesikimu sePirates okufike nomqeqeshi omusha nokhona njengamanje u-Abeslam Ouaddou njengento asebeyiqaphelile.
“U-Abdeslam Ouaddou ungumqeqeshi ohluke kakhulu njengamanje ngoba awukwazi ukuqagula ukuthi yibaphi abadlali azoqala ngabo, njengoba ebashintshanisa,” kuphawula uHunt.
La maqembu azobe elwela amaphuzu amathathu ngezinhloso ezihlukene kakhulu.
IPirates isemgqigqweni omuhle ifuna ukugxumela esicongweni selogi, bese ishiya iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amathathu.
Njengamanje iSundowns nePirates bayalingana ngamaphuzu, umehluko wamagoli kuphela obahlukanisile phezulu.
FUNDA NALA | Ugajiwe oweChiefs kwele-Angola
Khonamanjalo, iDurban City, idlalela amaphuzu amathathu abalulekile azovikela indawo yawo kwiTop 8 ngaphambi kwekhefu elide le-Afcon.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
