
UMdu Shabalala udalula imfihlo yokubuya kwefomu yeChiefs
Ngemuva kokushaya amagoli amabili okokuqala eqenjini elikhulu kwiKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala unethemba lokuthi kuzovuleleka amanye.
UMduduzi Shabalala akagcinanga ngokushaya amagoli amabili nje kuphela, kodwa ubengagayelwe mphako futhi waba nesandla kulawa amanye amabili iKaizer Chiefs inqoba ngo 4-1 kwi-Orbit College.
Ngemuva kokushaya lamagoli amabili okuqala, uShabalala unikeze omunye umdlali osemncane eqenjini uMfundo Vilakazi iphasi enhle ukuze ashaye elesithathu.
Kwelesine, umzamo wakhe wokushaya elesithathu awuhambanga ngendlela abeyifuna, kodwa ngenhlanhla ibhola labuya lawela phambi kukaFlavio Da Silva obe eselibeka enethini.
Bekuyiwini yokuqala enkulu yaMakhosi kule sizini ekhaya. Ekhuluma ngemuva komdlalo uShabalala uthe unethemba lokuthi lesi yisiqalo sezinto ezinhle.
“Ngifuna ukubonga kuqala iKaizer Chiefs ngokusinika leli thuba lokudlalela leli qembu elikhulu kangaka,” kusho uShabalala ngemuva komdlalo.
“Kimina, akuyona isizini elula lena ngokwamagoli nokuwakha, kodwa ngiyajabula ukuthi namuhla avelile futhi sikwazile ukushaya amane wonke.”
FUNDA NALA | Kubhoke izintwana iChiefs ibhubhisa i-Orbit
UMduduzi Shabalala uthe ukunyuka kwakhe kwakamuva kungenxa yalokho abaqeqeshi abebemeluleka ngakho ejimini.
“Yilokho abaqeqeshi abebengitshela kona ejimini… ukuthi kufanele ngidlalele leli qembu futhi konke okunye kuzozenzakalela.
“Bangitshele ukuthi uma ngisemgqigqweni, wonke umdlali uzoba semgqigqweni ofanayo.
“Ngiyajabula ukuthi namuhla ngiwatholile amagoli futhi ngithemba ukuthi kusazolandela amanye amaningi.”
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
