
UMayambela uhlonza umdlali ongenza kangcono kunoMofokeng
Owayengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates u-Mark Mayambela usehlonze umdlali ongadlula u-Relebohile Mofokeng.
Uthi u-Emile Witbooi weCape Town City unamandla okuba umdlali ongcono kakhulu kunoMofokeng.
UWitbooi, oneminyaka engu-17 ubudala, ubedlala kwiMotsepe Foundation Championship kule sizini.
Naphezu kweminyaka yakhe emincane, lo mdlali wasesiswini ohlaselayo uyaqhubeka nokuheha intshisekezlo kuleli naphesheya.
Ngo-2024, lo mfana wamenywa yizinkunzi zase-England iChelsea, okuveze futhi kwagqamisa ikhono lakhe elihle.
Ekhuluma ngesikhathi kwiMetro FM kule mpelasonto, u-Mark Mayambela, oseke wasebenza noWitbooi, umchaze njengethalente eliyivela kancane.
“Kimina, ngiyazi ukuthi kuzozwakala kabi kwabanye abantu lokho,” kusho uMayambela.
“Kodwa ngicabanga ukuthi angakwazi ukudlula u-Relebohile Mofokeng ngokwekhono, ithalente nobuhlakani bebhola.
“Ngimbonile u-Emile eduze. Ngike ngamqeqesha, ngambuka eziqeqesha futhi ngambona nasemidlalweni.
“Unethalente elikhethekile. Abadlali abafana naye abavamisile ukuvela ebholeni laseNingizimu Afrika.”
U-Mark Mayambela ukholwa ukuthi ikusasa likaWitbooi ebholeni lise-Europe hhayi kwiPSL.
“Angicabangi ukuthi uzochitha isikhathi esiningi edlala eNingizimu Afrika.
“Ufuna ukudlala e-Europe nasezigabeni ezinkulu. Lowo mqondo uzomsiza yena nezwe.”
Lesi sihlabani sakudal sePirates ukuchithile ukukhathazeka ngesimo somzimba kaWitbooi.
Ugcizelela ukuthi ubuhlakani bakhe bebhola bumnika ithuba elikhulu.
“Unobuchopho bebhola. Ucabanga ngokushesha kunabadlali abaningi.
“Ngisho nalapho edlala nezimbangi ezinomzimba nezinamandla, zithwala kanzima ukusondela kuye.”
Ngokusho kukaMayambela, iminyakazo kaWitbooi, ukufunda izikhala, ikhono lokubamba ibhola nekhono lokufunda umdlalo kumvumela ukuthi ahlale izinyathelo ezimbalwa ngaphambi kwabadlali basemuva.
“Ucabanga ukuthi kusasele iminyakazo emibili noma emithathu ngaphambi kokuthola ibhola,” kwengeza u-Mark Mayambela.
“Indlela abamba ngayo ibhola, ukuma komzimba nobuhlakani kumenza kube nzima ukubhekana naye. Mayelana nalokho, ufana no-Relebohile Mofokeng.”
Njengoba eqhathaniswa nesinye sezihlabani zaseNingizimu Afrika ezigqame kakhulu, manje wonke amehlo asebheke uWitbooi.
Sekumele akufakazele lokhu osekushiwo ngaye ngokwenza kahle enkundleni.
