
Ezinhle kwiCity ngoSirino ngaphambi komdlalo wokuqala
Umqeqeshi weDurban City, uKhalil Ben Youssef, useveze ukuthi abadlali abebengekho ngenmpelasonto edlule bazobe sebekhona uma kuqala imidlalo yeBetway Premiership.
OGaston Sirino, uMfanafuthi Mkhize noFezile Gcaba bebengekho ngesikhathi leli qembu lidlala kwiKZN Premier’s Cup ngempelasonto edlule.
IDurban City izovula isizini ka-2026/27 ngomdlalo wasekuhambeni neSekhukhune United ngoMgqibelo eNew Peter Mokaba Stadium.
Lo mdlalo uzophinde ubone uBen Youssef ebhekana nobenguzakwabo kwiKaizer Chiefs, uCedric Kaze, manje osengumqeqeshi weSekhukhune.
Kuthiwa u-Gaston Sirino akazange adlale kwiKZN Premier’s Cup ngemuva kokuzwa ubuhlungu ngesikhathi sokuziqeqeshwa ngesonto eledlule.
UMkhize noGcaba nabo bashiywe ngaphandle njengendlela yokubavikela ukuze bangalimali kakhulu.
UBen Youssef uthe abasebenzi bezokwelapha banqume ukubanika isikhathi sokuphumula.
“Cha, kunabadlali abathathu esingafunanga ukubafaka engcupheni ngoba bezwa izinhlungu ezincane ezinsukwini ezimbili ezedlule,” kusho uBen Youssef.
“Ngakho sinqume nethimba lezokwelapha ukuthi baphumule ukuze batholakale ngesonto elizayo.
“Akuyena uSirino kuphela, kukhona noMfanafuthi Mkhize noFezile Gcaba.
“Bobathathu bebengadlali namuhla futhi sethemba ukuthi bazoqala ukuziqeqesha nathi ngesonto elizayo.”
- FUNDA NALA | IChiefs yabagoqa bagoqeka abalandeli
Uma konke kuhamba kahle, bobathathu bazobe sebekulungele ukusiza iDurban City emdlalweni wayo wokuqala.
U-Gaston Sirino ulandele uBen Youssef kwiDurban City ngemuva kokuphelelwa kwabo bobabili yizinkontileka kwiChiefs.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
