EzintshaMamelodi Sundowns

UNdlovu ngabahlebezi okugabha iBucs, aqome iSundowns

Umdlali omusha we-Mamelodi Sundowns, u-Siyanda Ndlovu, uthi ujabule ngokuthi ekugcineni usethole ikhaya elisha ngemuva kokujoyina ompetha beBetway Premiership.

Lo mdlali obedlalela iGolden Arrows bekubikwa ukuthi usezojoyina i-Orlando Pirates.

Kwavela ukuthi useqede konke, kodwa wagcina enqabile ukujoyina leli qembu wabe esesayina kwiSundowns.

Ekhuluma ohlelweni lwe-Mamelodi Sundowns olubizwa nge-The Pitchside Podcast, u-Siyanda Ndlovu uthe akasafuni ukugxila kulokho okwenzeka ngesikhathi kudingidwa ikusasa lakhe.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi ekugcineni sengithole ikhaya,” kusho yena. 

“Bekukuningi obekukhulunywa ngekusasa lami, kodwa manje senginalo ikhaya.”

Uthe ugogo wakhe nonina yibo abantu bokuqala abatshela ngesikhathi ezwa ukuthi iSundowns iyamfuna.

“Umuntu wokuqala engamtshela kwaba ngugogo wami nomama – empeleni nje umndeni wami. 

“Ngabatshela ukuthi ngithole ucingo olumayelana naleli thuba,” kusho uNdlovu.

UNdlovu uvumile ukuthi kunengcindezi enkulu kwiMasandawana, kodwa uthi uyakwamukela lokho ngoba ufuna ukudlala emiqhudelwaneni emikhulu.

“Kunengcindezi, kodwa ngijabule ngokuthi sengizodlala emiqhudelwaneni ehlonishwayo futhi ngincintisane ezingeni eliphezulu.”

Lo mdlali uphinde waveza ukuthi akamkhathazi umthwalo wokudlala imidlalo engaphezu kuka-60 ngesizini.

“Yilapho engifuna ukuba khona. Uma kukhulunywa ngokudlala, yilokho engikufunayo noma yinini nanoma kuphi.”

U-Siyanda Ndlovu uthe uyazethemba ukuthi uzophumelela kwi-Mamelodi Sundowns, wabe eseveza ukuthi ukuzethemba kwakhe kuqhamukaphi.

“NgingumZulu mina. Sikhuliswe sifundiswa ukuthi ungavumi ukuhlulwa ngomunye umfana wakomunye umuzi.”