EzintshaKaizer Chiefs

Iqiniso noma izaba: IChiefs ‘yabagoqa’ bagoqeka abalandeli

I-Kaizer Chiefs yabahlakaniphela abalandeli bayo, yababamba le bebancane khona futhi namanje basabambe elentulo.

Kunesikhathi la abalandeli babekhala ngokuthi le kilabhu ayisabathengi abadlali abasezingeni nabenza kahle kwiBetway Premiership. 

Ngaleso sikhathi yayisivule imakethe eZimbabwe la yayilanda khona abadlali kwaze kwagcina kuhlekiswa ngokuthi ithenga oyedwa bese ibhanselwa ngomunye.

Iningi lalabo badlali abazange bafike ezingeni elalibhekiwe futhi nje bagcina bekhonjwa indlela bengalenzelanga lutho iqembu.

Kulapho kwabe sekuvela isikhalo sabalandeli, bethi sekumele iqinise kubo abadlali abavele badlala kuleli abanamava ePSL. 

Liziphendulela ngaleso sikhathi, iqembu lavele lakhipha impendulo esobala: “Uma sifuna umdlali, amaqembu ePSL avele ayenyuse kakhulu imali ayifunayo.”

Abalandeli balithatha leli, balifaka enhliziyweni futhi namanje basavele bazikhumbuze lona uma beqala ukukhathazeka ngokungangeni emakethe kweqembu labo.

Ubuqiniso balesi sitatimende asinakuqinisekiswa. Futhi umuntu useke wezwa okuningi ngokuthi kungani amaqembu ‘eyinyusa’ imali ayifuna kwiChiefs.

Kodwa ngoba ayikhi indlela yokukuqinisekisa, ngeke sikubale lapha. 

Futhi-ke vele inhloso yale ngosi akusikhona lokho, kodwa ukuncoma nje lo owaqhamuka nalo mbono kwi-Kaizer Chiefs.

Cha, lisoka lelo. Lakwazi ukubeza izaba ezizwakalayo futhi ezibukeka zingasoze zabuna. Koze nje kube phakathi abalandeli belikholwa lelo gama. 

Ngaleso sikhathi ikilabhu yona iyaqhubeka nokucasha ngalo uma ingafuni ukungena ephaketheni ithenge abadlali abanohlonzo. 

*Le ngosi ibhalwe ngumhleli weLisenethini uSibongiseni Gumbi