EzintshaKaizer Chiefs

UMasilela uxwayisa ngosizi oluzayo kwabeChiefs uma…

  • Sibongiseni Gumbi

Uveze ukuthi uma ngabe iqembu alibone emasontweni ambalwa edlule eBloemfontein liyizinkomba zokuzayo, abalandeli kumele balindele enye isizini yosizi nehlazo. 

UMasilela, ongomunye wezingwazi zeChiefs ebezibuka leli qembu libhekene neYoung Africans emdlalweni weToyota Cup, waphoxeka kakhulu ngakubona.

IChiefs ihlulwe kanzima ngo 4-0 kulo mdlalo, futhi bekungaba kubi kakhulu ukuba yawasebenzisa wonke amathuba ayo iYanga. 

Nokho, bekuwumdlalo wokuqala womqeqeshi omusha uNasreddine Nabi ephethe izintambo, futhi kufanele ukuthi uzibonile izindawo ezidinga ukulungiswa. 

Ekhuluma ohlelweni lweSoccer Beat, uMasilela ugcizelele ukuthi iqembu kumele litshale imali enkulu kubadlali abasha.

“Iqembu leChiefs engalibuka eBloemfontein lidlala neYanga, mm-mm,” kusho uMasilela enikina ikhanda. 

“Kodwa ngethemba ukuthi basenaso isikhathi sokusayinisa abadlali abasha. 

“Angicabangi ukuthi ngesizini ezayo bangakwazi ukujaha i(Mamelodi) Sundowns ngaphandle kokuthi bathole abadlali abayisithupha, (noma) abayisikhombisa abahle kakhulu.”

Kusukela kuleli hlazo lakwiToyota Cup, iChiefs isimemezele abadlali ababili abasha: uBongani Sam wasemuva kwesokunxele nomdlali wasesiswini osezingeni eliphezulu uGaston Sirino. 

Phezu kwalokhu, uMasilela ukholwa ukuthi iqembu lisakudinga ukuqiniswa ukuze likwazi ukuncintisana ezingeni eliphezulu.

Leli qembu elizinze eNaturena kulindeleke ukuthi lisayinise abanye abadlali abambalwa ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeBetway Premiership ngoSepthemba. 

Abalandeli beChiefs bazobe benethemba lokuthi kuzoba noshintsho olukhulu njengoba iqembu lihlose ukwakha kabusha nokulwela izicoco ngesizini ezayo.