EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uphawula ngamazwi ashiwo uJomo ngoMaswanganyi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usephendule okokuqala amazwi kaJomo Sono awasho ngesihlabani sakhe uPatrick “Tito” Maswanganyi.  

USono, oyingwazi yekilabhu, usanda kuthi abalandeli akumele baqhathanise yena noMaswanganyi ngoba kufana nokuqhathanisa indlovu nentuthwane . 

Kulo mzekelo wakhe, wathi yena ufana nendlovu kanti uMaswanganyi yintuthwane nje, okuyinto eyabacika kakhulu abalandeli.

Lokhu kuphawula kwenzeke ngemuva kokuthi abanye abalandeli befanise ikhono nobuhlakani bukaMaswanganyi nokukaSono. 

UMaswanganyi ujwayele ukujabulisa abalandeli bePirates ngendlela adlala ngayo enomjiko phakaythi. 

Nokho, uSono akayizwa eyokuthi usengaze afaniswe naye, ethi yize uTito enekhono, kodwa ngeke afike kuyena. 

Manje uRiveiro usegcine ephawulile ngalokhu kugxekwa kukaMaswanganyi okubonakala kwaba nomthelela ekuzethembeni kwakhe. 

Uveze ukuthi uMaswanganyi akazange akhathazeke ngala mazwi kaSono angemahle.  

“UTito uthanda ukudlala ibhola,” usho kanje uRiveiro ekhuluma noRobert Marawa ngesikhathi ebuzwa ngale nkulumo kaSono.

“UTito ungumdlalo ohlukile uma esenkundleni. Kulapho akwazi khona ukuziveza futhi abonise lokho okuhle ngaye.

“Uma unabadlali abafana naye, abahlale befuna ukuba sebholeni… Lokho kimi kuyinto okumele ngiyigqamise.

“Akunandaba ukuthi kwenzekani enkundleni – kungaba sidinga igoli, kungaba siyahlulwa… 

“Yena ungomunye wabadlali abahlale befuna ibhola libe kubo ukuze benze izinto zenzeke.”

Uthe uMaswanganyi ungumdlali ozethembayo futhi uyazi iqembu liyameseka ngaso sonke isikhathi. 

“Yingakho kwesinye isikhathi kubukeka kabi, kuba sengathi ulahla ibhola… Kuye kusuke kuwumthwalo wakhe ahlezi ezimisele ukuwuthwala. 

“Futhi ngaleso sikhathi owasho ngaphambili (mayelana nokuphawula kukaJomo), kungenza ngizizwe sengathi uyakuzwa ukumeseka  kwethu noma singashongo lutho. 

“Kodwa ungumfana ofuna nje ukuba senkundleni futhi azidlalele ibhola ngendlela yakhe.”