EzintshaKaizer Chiefs

UMlwane ucebisa iChiefs ukuthi iyeke ukuzigqaja ngoZungu

UHumphrey Mlwane, oyinkakha yeKaizer Chiefs ubona kufanele ngabe leli qembu liyeka ukuzigqaja okungekho, lithathe uBongani Zungu.

Kunezinkulumo zokuthi iChiefs seyinqena ukuthi kuzothiwa ibutha bonke abadlali abalaxazwa yiSundonws. 

UZungu usebuyele kuleli ngemuva kokungaphumeleli ukuthola iqembu phesheya naseMorocco la abezama khona kwiWydad Athletic kaRulani Mokwena.

Seyibe miningi ke imibono yokuthi uZungu ufanelwe yiChiefs njengoba ishoda ngabadlali abanamava nabazokhulia abafana bayo abancane.

UMlwane naye ubona kufanele ngabe uZungu usevele usemabhukwini aleli qembu azakhela kulo igama esengumdlali.

“Ngibona ukuthi uBongani Zungu khona umehluko angafika awenze esiswini seKaizer Chiefs,” kusho uMlwane.

“Unesipiliyoni esiningi sokudlala kule ndawo futhi kuyabonakala ukuthi unendawo angafike ayivale.”

UMlwane uthi kuleli qembu leChiefs elikhona manje, kusashoda nomdlali wasesiswini onamandla, ozoba yinjini yeqembu.

“Kuzodingeka nokuthi iKaizer Chiefs iphinde isayine umdlali oyinjini yaseswini wangaphandle,” kuqhuba yena.

“Kuyabonakala ukuthi asivaleki namanje isikhala esashiywa nguWillard Katsande kusukela ashiya. 

“Mina ngiyibonile lapho iKaizer Chiefs ixega khona ngesikhathi idlala neSuperSport United, eMamelodi Sundowns FC, neMagesi FC.

“Kudingeka abadlali abanohlonzo nesipiliyoni okungenani abayisithupha ngoJanuwari, uma kungenjalo, ngeke baqede kwiTop 4,” kuphetha uMlwane.