
UNcikazi uveza ‘okuhle’ ngePirates ngaphambi kowamanqamu
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi lithi akukho simanga esitheni emdlalweni wamanqamu weMTN8.
I-Orlando Pirates izogadulisana neStellenbosch FC kulo mdlalo oseMbombela Stadium ngoMgqibelo – umdlalo uqala ngo-6 ebusuku.
UNcikazi uthi indlela abasebenza ngayo kwi-Orlando Pirates, ababheki izinga lo mdlalo noma umsindo okhona ngawo, kodwa babheka wona ngqo.
“Okuhle ngeqembu lethu wukuthi sibheka umdlalo, asibheki okunye okusemaceleni,” kusho uNcikazi.
Ubekhuluma nabezindaba be-Orlando Pirates ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu ezweni lonke.
Amathikithi alo mdlalo adayisa aphela ngezinsuku ezimbalwa eqalile ukudayisa kanti kulindeleke inkundla igcwale phama.
UNcikazi uthi ukubhekana neStellies ngenye nje inselelo okumele badlule kuyo njengoba bebheke ukuphinde badle lesi sicoco – okuzona ngokwesine kulandelana.
“Bayiqembu eliqinile impela, kodwa njengompetha kumele sibhekane nezinselelo ezinjalo futhi sidlule kuzo.
“IStellenbosch enye yalezo zinselelo okumele sidlule kuzo ukuze siphinde siqukule indebe,” kwengeza uNcikazi.
Umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou ubebheke nesinqumo sinhala ngokaputeni weqembu uNkosinathi Sibisi osanda kubuya ekulimaleni.
Nokho lo mqeqeshi uqoke ukumshiya ebhentshini uSibisi, aqhubeke nabadlali abasebancane abedlala ngabo ngesikhathi engekho.
Emuva uqalise uMbekezeli Mbokazi – ongukaputeni – noLebone Seema maphakathi, kanti ezimpondweni kukhona uThabiso Lebitsi noDeon Hotto.
Esiswini kukhona uThalente Mbatha noSihle Nduli maphakathi, bese u-Oswin Appolis noRelebohile Mofokeng babe sesimpondweni.
FUNDA NALA | USeluleko uzama ukugwema okwakhuba umfowabo
USipho Mbule udlala unombolo 10 la kulindeleke alekelele khona umgadli oyedwa u-Evidence Makgopa.
IStellies nayo iqala ngeqembu eliqine kakhulu, futhi kuyacaca ukuthi le ndebe isiyobanjwa esithele nayo.
- Ibopehele kanje iPirates (4-5-1): Chaine – Hotto, Lebitso, Mbokazi, Seema – Sebelebele, Mofoekeng, Mbatha, Nduli, Mbule – Makgopa
- Ebhentshini: Buthelezi, Sibisi, Ndaba, Nemtajela, Dansin, Mariko, Appollis, Moremi, Mabasa
- IStellies yona ibophele kanje: Stephens – Mdaka, Enyinnaya, Moloisane, Stanic – Barns, Titus, Palace, Mthiyane – De Jong, Mojela
- Ebhentshini: Masuluke, Butsaka, Phili, Nkwali, Jabaar, Nku, Mokobodi, Khiba, Cupido
