
UShongwe uvuma amaphutha kaNtwari weChiefs, kodwa…
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uWilliam Shongwe, useveze imicabango yakhe ngonozinti omusha waMakhosi, uFiacre Ntwari.
UNtwari ujoyine iChiefs ngaphambi kwesizini ka-2024/25 esuka kwiTS Galaxy abehlale kuyo isizini eyodwa.
Selokhu efikile, lo nozinti odabuka eRwanda nguye obambe ipali njengoba esayidlale yonke imidlalo.
Uphiko lonozinti kwiChiefs luhlome ngaye uNtwari, uBrandon Petersen, uBruce Bvuma, noBontle Molefe.
Kuze kube manje, uNtwari, oneminyaka engu-25, useqale imidlalo eyisikhombisa kuyo yonke imiqhudelwano.
Uwodwa umdlalo angangenelwanga goli kuwo, kanti uselilande enethini amahlandla angu-11.
Lokhu sekumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli, asebembona njengongafanelekile ukuvimba kuleli qembu.
UShongwe umvikele uNtwari, egcizelela ukuthi ukungenelwa amagoli kuyingxenye yomsebenzi kanozinti.
“Bonke onozinti bayangenelwa amagoli,” kusho uShongwe kwabeFARPost.
“Ayisithupha kulawo magoli aqhamuke emidlalweni emibili neSundowns. Uma uwabeka eceleni lawo, izibalo zibukeka zihlukile.”
Uyivumile ingcindezi kuNtwari nalo lonke uphiko lonozinti.
“Ngisho nonozinti bangaphambilini babhekane nokucutshungulwa okufanayo, okuholele ekutheni kube nezinguquko,” kwengeza uShongwe.
Ugcizelele ukuthi onozinti abasebenzi bodwa, ngakho akumele kubhekwe bona bodwa ngokudedela amagoli.
“Uma iqembu lingenzi kahle, libeka onozinti ezimeni ezinzima. Amaphutha abadlali abasensimini yiwo afaka unozinti enkingeni.
“Akakwazi unozinti ukuvimba wonke amabhola akhahlelelwa wona,” kuphetha le nkakha.
UNtwari kumanje akekho ekhempini yeChiefs njengoba ebizwe eqenjini lesizwe langakubo iRwanda.
