
UMasilela nombono ohlukile ngokungasayini kweKaizer Chiefs
Owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uTsepo Masilela, useveze umbono ohlukile ngokuzithulela kwaleli qembu njengoba kuvulwe iwindi lookusayina abadlali.
Uthi lokhu kuziququdela amaqhwa kweqembu kungase kube wuphawu olucacile lokuthi sekumqeqeshi omusha obekiselwe isizini ezayo.
Amaqembu agaqele isicoco seBetway Premiership iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates baqinise izikwati zabo yize yize bevele bephezulu futhi benamaqembu amahle.
ICHIEFS IDLA IMIHLATHI
Kodwa iKaizer Chiefs ivele yazithulela noma sekungcindezi ekhulayo yokuthi nayo kube khona abadlali ebalethayo.
Lesi sinqumo asehlanga kahle kwabanye babalandlei baMakhosi, ikakhulukazi njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lizovalwa ngoJanuwari 31.
Umphathi webhola kwiChiefs uBobby Motaung usekuqinisekisile ukuthi leli qembu ngeke lisayine muntu kulo Januwari.
IPHEZU KWECEBO ELIKHULU
Ekhuluma kwiSoccer Beat, uMasilela uphakamise ukuthi lokhu kungasayini kuyingxenye yohlelo lqesikhathi eside lwekilabhu.
“Nginomuzwa onamandla wokuthi iKaizer Chiefs izothola umqeqeshi omusha ngesizini ezayo,” kusho uMasilela.
“Ngakho-ke abafuni ukwenza iphutha lokusayinisa abadlali manje ngezinkontileka zeminyaka emithathu, bese umqeqeshi omusha afike athi, ‘Angimfuni lo noma nalo mdlali’.”
‘PROJECT 2026′
UMasilela ukholwa ukuthi ukusayinisa abadlali manje kungase kushiye ikilabhu isenkingeni yokuba nabadlali abangasadingeki kodwa abanezinkontileka.
Uthi lezi zinkontileka zingaphenduka izindleko ezinkulu uma sekumele labo badlali bakhokhelwe ukuze badedelwe.
“Uma usayina abadlali ngoJanuwari, ungase ugcine unenkinga,” kuchaza le ngwazi yaMakhosi.
“Konke kuba yizindleko. Ngokombono wami, vele sebenaye umqeqeshi abambekisile.”
Le ngwazi eyake yadlala kwiBafana Bafana idalule ukuthi iKaizer Chiefs kungenzeka isinohlelo i“Project 2026”.
INGABE IXOXA NOPITSO
Uthi lolu hlelo luzovumela umqeqeshi ozayo ukuthi akhe iqembu elihambisana nendlela yakhe yokwenza izinto neyokudlala.
Akumangazi-ke ukuthi kuvele igama likaPitso Mosimane. Sekuyisikhathi eside emataniswa nalo msebenzi.
“Sonke sikhuluma ngomqeqeshi uPitso,” kwengeza uMasilela. “Ngike ngasebenza naye, ngiyayazi indlela yakhe yokuphatha.
“Kodwa kufanele sibekezele. Ngeke silindele ukuthi avale igebe leSundowns nePirates ngokushesha.”
FUNDA NALA | UHunt akakaneliseki ngeqembu analo kwiStellies
Ngokusho kukaMasilela, isinyathelo sokuqala esifanele kuzoba ukukhuphukela ekubeni ngelinye lamaqembu amathathu aqeda phezulu ngaphambi kokungenela umbango wesicoco seligi.
Ukuthi uMosimane nguye noma cha, ukuphawula kukaMasilela kuveza ukuthi kungase kube nezinguquko ezinkulu ezizayo eNaturaena.
