
Kusuke esinamathambo abeMC Alger belsiwa abePirates
Kube nezigcawu ezingezinhle ekupheleni komdlalo weCaf Champions League phakathi obuse-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlalo obuphakathi kwe-Orlando Pirates ne-MC Alger uphele zibambene ngo 0-0, kodwa iBucs yadlulela phambili ngo 1-0 eyanqoba ngawo umlenze wokuqala.
IPirates ibe seyidlulela kowandulela owamanqamu la isizobhekana khona nePyramids FC yase-Egypt.
Ngemuva kokuphela komdlalo, ithimba labaqeqeshi nabadlali beMC Alger bebesho ukubadla ngamazinyo abePirates, ikakhulukazi unozinti uSipho Chaine.
Isimo sijike saba sibi kakhulu ngesikhathi abalandeli bePirates beqa bengena enkundleni beyivikela abadlali nethimba labaqeqeshi kulokhu kuhlaselwa.
Bahubhe abadlali nethimba labaqeqeshi leMC Alger baze bayolifaka emhubheni obuyela ezindlini zokushintshela.
Amaphoyisa abe esengenelela ukuze ahlakaze isixuku sabalandeli abebeme ngaphandle kwenkundla bethi balinde kuphume ibhasi leMC Ager ukuze bake bababuze ukuthi baqondeni ngale mpi abayiqalile.
Ukungqubuzana phakathi kwebhentshi lezihambi neleBucs kuthiwa kuqhubekile nasemhubheni oholela ezindlini zokushintshela.
Lesi yisigameko sesithathu esikhathini esingaphansi kwesonto emidlalweni ebandakanya amaqembu aseNyakatho Afrika.
Ngesonto eledlule, abalandeli be-Esperance bahlasele abalandeli beMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld ngemuva kokuhlulwa kweqembu labo.
Abalandeli abathathu be-Esperance kubikwa ukuthi baphuthunyiswa esibhedlela kulandela le mpi yesibhakela eyayisuswe yibo.
Nasemdlalweni weStellenbosch FC neZamalek eKapa, ngalo isonto elidlule, abalandeli bahlubana ngequpha ngemuva komdlalo.
Okuxakayo wukuthi laba balandeli abakwenzi konke lokhu kuchwensa uma amaqembu abo edlalela ekhaya.
Ngemuva kokunqoba kwiMC Alger, iPirates ijoyine iMamelodi Sundowns neStellenbosch FC kweyandulela owamanqamu emiqhudelwaneni yeCaf.
ISundowns izohlangana ne-Al Ahly komunye umdlalo owandulela owamanqamu weChampions League.
IStellies izobhekana neSimba SC yaseTanzania kowandulela owamanqamu weConfederation Cup.
