EzintshaOrlando Pirates

Imincise abalandeli, kodwa yadlula i-Orlando Pirates 

Lezi ziqhwaga zaseSoweto sezizohlangana neqembu lase-Egypt, iPyramids FC emzuliswaneni olandelayo. 

Yize iMC Alger bekuyiyo ebiphethe umdlalo kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku, ayizange ikhombise ukuba yingozi kangako. 

Iqembu lasekhaya, ebeinenqwaba yabalandeli ngemuva kwalo, alizange lidlale ngale ndlela obekulindelwe ngayo njengoba belisekhaya. 

Belibukeka llijabule ngokuvimba izivakashi zalo ukuthi zingalitholi igoli njengoba lona lalithola ekuhambeni.

Lena nokho bekuyindlela eyingozi njengoba igoli elilodwa leMC Alger belizophoqa ukuthi umphumela uyonqunywa kumaphenathi. 

USipho Chaine nodonga lwakhe baphinde badlala ngokuzimisela nokuzinikela kulo mdlalo njengoba bebevika bevikile iMC Alger ihlasela. 

Nokho abembalwa amabhola abedinga uChaine ukuthi awavimbe futhi nawo lawo abefika kuye wenze isiqiniseko sokuwachitha.

Udonga lwasemuva beluqinile impela, uNkosinathi “Bhodla” Sibisi enqamula inqwaba yeminyakazo yokuhlasela yeMC Alger. 

Indlela enokuvilapha i-Orlando Pirates edlale ngayo kungenzeka ukuthi ibisekelwe ekutheni ibingafuni ukuzikhandla ngokweqile.

Phela leli qembu linomunye umdlalo omkhulu ngeSonto, ozodinga liwakhiphe wonke amangwevu alo.

Lizohlangana neMarumo Gallants kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup enkundleni efanayo, okungenzeka kube wumdlalo onzima.