EzintshaMotsepe Foundation Championship

OweMilford ukhalela abeNFD kwiBafana

UMandla Qhogi, ongumqeqeshi weMilford FC, useveze ukuphoxeka kwakhe ngokunganakwa kwabadlali beMotsepe Foundation Championship emaqenjini esizwe. 

Lo mqeqeshi, obesebenza ezinkulisa ze-Orlando Pirates phambilini, uthi abenziwa ubulungiswa ekubeni baningi abadlali abasezingeni kulesi sigaba. 

“Singamaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship sesizame kaningi ukuhlangana nabaqeqeshi beBafana Bafana uHugo Brooks noHelman Mkhelele.

“Besifuna ukuhlangana nabo ukuze sibhunge ngabadlali bethu,” usho kanje uQhogi ekhuluma neLisenethini

“Baningi abadlali abadlala ibhola elisezingeni eliphezulu kulesi sigaba, kodwa ababonwa ngoba le ligi ayivezwa kumabonakude. 

“Kodwa ngicabanga ukuthi wumsebenzi wabaqeqeshi beqembu lesizwe ukubheka abadlali abanohlonzo emaqenjini adlala kulesi siga.

“Bayazi ukuthi imidlalo yalesi sigaba ayivezwa kumabonakude, ngakho kumele benze okuthile ukubona laba badlali.”

UQhogi ukhala ngabqeqeshi beBafana nje, ngisho abamaqembu alama iBafana abababheki abadlali kulesi sigaba/

Lokhu kuyamangaza uma ubheka ukuthi lesi sigaba sinomthetho ophoqa amaqembu ukusebenzisa abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23 kuyo yonke imidlalo. 

Khonamanjalo, uQhogi uyiqale ngegiya eliphezulu iligi njengoba iqembu lakhe lizihola phambili kwiChampionship. 

Ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye, iMilford inamaphuzu angu-20, ishiya iDurban City ngamabili yize yona isasalele ngemuva ngomdlalo owodwa. 

UQhogi uthe bawafuna ephelele amaphuzu amathathu emdlalweni wabo olandelayo abazobhekana kuwo ne-Upington City ngeSonto ngo 3 ntambama.