
Imenenja kaMokwena iveza abavumelane ngakho neWydad
URulani Mokwena uzohlukana ne-Wydad Casablanca ekupheleni kwale sizini.
Lokhu kuqinisekiswe yimenenja yakhe, uSteve Kapeluschnik, engxoxweni abe nayo nabeRadio Mars ngoLwesithathu.
UKapeluschnik uthe uRulani Mokwena usekhokhelwe iholo lakhe kuze kube nguFebhuwari.
Lokhu kuza ngemuva kokuqubuka kwamahlebezi okuthi lo mqeqeshi bese kuphele izinyanga eziyisishiyagalombili engakhokhelwa kuleli qembu.
Uthi yena noRulani Mokwena bahlangane nomengameli we-Wydad uHicham Ait Mena ukuze balungise isimo ebesithanda ukuba sibi phakathi kwabo.
“Kube nokuzwana nokuvumelana ngokwesekana nhlangothi zombili,” kuchaza uKapeluschnik.
“Simtshelile ukuthi uma bengasafuni ahlale kuleli qembu akaphumele obala asazise.
“Kodwa kube sekuvunyelwana ngokuthi uzoqedela le sizini bese ehamba ngesihle ekupheleni kwayo.”
URulani Mokwena, obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns phambilini, ujoyine i-Wydad ngoJulayi ka-2024.
Njengamanje iWydad isendaweni yesithathu kwiBotola Pro League kanti sekusele imidlalo emihlanu iligi isongwe.
Ilandela i-AS FAR esendaweni yesibili ngamaphuzu amabili, kanti isele ngangu-17 kwiRS Berkane eqhwakele kule ligi.
UKapeluschnik wengeze ngokuthi yize kusekhona enye imali yemihlomulo ethile engakakhokhwa, ikilabhu imkhokhelile iholo kwaze kwaba ngoFebhuwari.
“Ikusasa selicacile. URulani uzoqeda le sizini bese eqhubekela phambili,” kuqhuba le menenja.
Nokho akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi uMokwena usazobe esekhona yini kuleli qembu uma seliya kwiFifa Club World Cup ngoJuni.
Phela kuyaziwa ukuthi kuyiphupho elikhulu likaMokwena ukuqeqesha kulo mqhudelwano wamaqembu omkhulukazi ebholeni lomhlaba.
Nokuthi iWydad iseqoqweni elilodwa neManchester City eqeqeshwa nguPep Guardiola kwenza ukuthi uMokwena afise ngokwengeziwe ukuba kulo mqhudelwano.
