
UMapensela uhlonishwe ngendodo yezwekali, ukhuthaza intsha
UReggie “uMapensela” Ndlovu unabalandeli abaningi, kodwa akakakutholi ukuhlonishwa okumfanele eNingizimu Afrika.
Kodwa impumelelo yakhe emhlabeni wonke isimlethele ukuziqhenya nokunconywa ngendlela enomdlandla asakaza ngayo.
UMapensela ungumethuli wmeidlalo yebbhola weSupersport TV kanti usanda kuwina indondo enkulu yase-Afrika.
Uklonyeliswe ngendondo yeSportsman of the Year kumaYoung Achiever Africa Awards emcimbini obuseKigali, eRwanda.
Lokhu kulandela ukunqoba okufanayo kumaZikomo Awards, abeseSandton, eGoli, la bekuhlonishwa khona abenza kahle kwezobuciko nasezindabeni base-Afrika.
Ekhuluma ngemuva kokuwina kwakhe, uMapensela uthe, “Lokhu kukhombisa ukuthi kunamandla kangakanani ukuziqhenya ngolimi lwakho.
“Ngimenywe ukuthi ngisakaze imidlalo yamakilabhu ye-Caf, futhi nakuba abalaleli abaningi bengasiqondi isiZulu, bebekujabulela ukusakaza kwami okunothando nomfutho.”
Lo msakazi odabuka eNquthu, KwaZulu-Natala, unephupho lokubeka umsebenzi wakhe wokwethula imidlalo bukhoma kwelinye izinga.
Unethemba lokusakaza bukhoma imidlalo yeCaf, okuhlanganisa i-Afcon neCaf Champions League.
Futhi ngolunye usuku unethemba lokunikezw ithuba lokwethula imidlalo yemiqhudelwano yomhlaba efana neFifa World Cup ne-Uefa Champions League.
UMapensela udlisa ngomfutho namancoko
Okwamanje, wethula imidlalo esezindlini zokusakaza zeSuperSport eRandburg.
Le nhlangano yabamisa abasakaza ngezilimu zesintu ekutheni bahambele imidlalo ngoba ithi yehlisa izindleko.
Kodwa lokho akuzange kuwehlise umdlandla kaMapensela njengoba ekuthatha akubeke enkundleni sengathi kwayena ukhona.
UMapensela uthi uhambo lwakhe luwubufakazi bokuthi nezingane zasemakhaya zingawafeza amaphupho azo noma ngabe makhulu kangakanani.
“Ngafunda ezikoleni zasemakhaya, angizange ngigile imikhuba ukuze ngithole ukunakwa.
“Ngalwa kanzima ukuthola wonke amathuba avelile, ngaze ngangena ekulingiseni ukuze ngijahe ngifeze amaphupho ami,” kuqhuba yena.
Uhambo lwakhe luyinselelo kubafundi basezikoleni zasemakhaya: ukuthi uqale kuphi akuwona umkhawulo wokuthi ungafikaphi.
Kusukela ehlala endlini esindwa ngobulongwe benkomo kuya esigabeni sokwethula imidlalo esigabeni sezwekazi, uMapensela uyisihlabani esikhula ngamadla.
