
Sekukhona umnyakazo ngodweshu lwase-Orlando Stadium
Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCaf kubikwa ukuthi isiluqalile uphenyo ngodlame oluqubuke e-Orlando ngoLwesithathu.
Izikhulu nabadlali beMC Alger kusolwa ukuthi bahlasele ozakwabo be-Orlando Pirates ngemuva komdlalo weCaf Champions League.
I-Orlando Pirates ibiwunqobe ngo 1-0 sekuhlanganiswe yonke imidlalo ukuze idlulele kowandulela owamanqamu.
Banqobe umdlalo womlenze wokuqala e-Algeria ngo 1-0, badlala ngokulingana ngo 0-0 e-Orlando Stadium.
Kulapho ke kube sekuqubuka izigcawu ezingezinhle zokulwa ngemuva komdlalo.
Manje kubikwa ukuthi iCaf isicele umbiko wezokuphepha kwi-Orlando Pirates ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni.
Kunezigwebo ezehlukene ezingatholwa yiMC Alger uma kutholakala ukuthi yiyo esuse lolu dweshu.
I-MC Alger yatholwa inecala elifanayo ngesikhathi isuse ingxabano kade ibhekene ne-US Monastir ngoNovemba wonyaka odlule futhi yagwetshwa.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthe labo ababambe iqhaza kulolu dweshu kumele bahlawuliswe ngendlela efanele.
“Angazi ngempela ukuthi kwenzekeni,” kusho uJose Riveiro ephendula umbuzo ngalesi sigameko.
“Mhlawumbe sizokwazi ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ngubani oqale impi.
“Ngicabanga ukuthi akunandaba kimi, kithi, noma eqenjini lami; ibhola liyinto ekhethekile.
“Yinto engakwazi ukungcoliswa ngalolu hlobo lokuziphatha, okuyinto engamukeleki.
“Noma yini eyenzekile, mhlawumbe wonke umuntu uyawenza amaphutha ngaphandle.
“Kodwa lokho kuziphatha kumele kuqheliswe kuye kude nezemidlalo ngoba asikudingi ngempela.
“Kufanele sifunde ukwamukela ukunqoba ngendlela enenhlonipho, sifunde nokwamukela ukuhlulwa.
“Kufanele sikwazi ukwamukela umphumela noma ngabe uyasivuna noma mubi kithi.”
