EzintshaOrlando Pirates

Izinkunzi zase-Egypt kwalobizela uJose Riveiro

Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates usenqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe kule kilabhu yaseSoweto, futhi uzohamba ekupheleni kwesizini.

Esikhathini asihlale kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro usezakhele igama futhi waba ngomunye wabaqeqeshi abaphambili ezwenikazi. 

Imibiko iveza ukuthi i-Al Ahly neZamalek, okungamaqembu amabili amakhulu e-Egypt, bangakuthakasela ukuthola lo mqeqeshi odabuka eSpain. 

IWydad Athletic yaseMorocco nayo kuthiwa ingelijnye lamaqembu angathanda ukusebenza nalo mqeqeshi njengoba izohlukana noRulani Mokwena ekupheleni kwesizini. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-49 ubudala wenze umsebenzi omuhle kusukela ejoyine amaBhakabhaka ngo-2022.

Usenqobe izindebe ezinhlanu waqeda kabili ephume isibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership kumasizini amabili edlule.

Izindaba eziphuma e-Egypt ziveza ukuthi iZamalek ayineme ngomqeqeshi wayo ngemuva kokukhishwa kwiCaf Confederation Cup yiStellenbosch FC.

Futhi manje abaphathi sebqalile ukubheka abangavala ngaye isikhala uma uJose Poserio exoshwa. 

I-Al Ahly kubikwa ukuthi isinqumele uMarcel Koller ukuthi anqobe iCaf Champions League, futhi uma ehluleka angase akhonjwe indlela. 

Le kilabhu engephumelele kunawo wonke ezwenikazi kubikwa ukuthi isivele ike yaba nezingxoxo zokuqala noJose Riveiro mayelana nefiso sayo ngaye.

“I-Al Ahly isivele ke yaxhumane nalo mqeqeshi waseSpain,” kubika iwebhusayithi yase-Egypt, i-One3.news.

“Izikhulu ze-Al Ahly zixhumane nalo mqeqeshi waseSpain ngeZoom ukuze zithole izifiso nezinhlelo zakhe zesikhathi esizayo.

“Babuze ukuthi engathanda yini ukuhola ithimba labaqeqeshi kuleli qembu esikhathini esizayo, uma kwenzeka uMarcel Koller ehamba.

“Izikhulu zeqembu azikasithathi isinqumo esingujuqu mayelana noJose, kanti lo mqeqeshi usalinde impendulo evela kubaphathi be-Al Ahly.”