
Kubikwa intshisekelo yePirates neChiefs koweKruger United
Umgadli we-Kruger United, uBright Ndlovu, kungenzeka adlale esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
Phela kuvela ukuthi lo mgadli osemncane usedonse amehlo amaqembu eBetway Premiership amathathu.
IKaizer Chiefs nelinye iqembu laseGauteng kuthiwa sebejoyine i-Orlando Pirates embangweni walo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala.
I-Soccer Laduma ibika ukuthi i-Orlando Pirates ibe yiqembu lokuqala ukukhombisa intshisekelo ngalo mgadli.
Kodwa manje sekuvele ukuthi iChiefs nayo isanda kuthumela izinhloli zayo ukuthi ziyobuka uNdlovu edlala kwi-Kruger United.
“Kukhona amanye amaqembu amabili akhombisa intshisekelo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“IPirates bekungeyokuqala, kodwa manje iChiefs nelinye iqembu nabo sbeyazi ngalo mgadli.
“UNdlovu wenza kahle kakhulu kule sizini, yingakho la maqembu esemlandela.”
Lo mgadli uhlabe umxhwele kwisizini yakhe yokuqala kwiMotsepe Foundation Championship.
Ukwenza kahle kwakhe kumenze waba ngelinye lamagama ahamba phambili kulesi sigaba sesibili ebholeni elikhokhelayo kuleli.
Omunye umthombo ongaphakathi kwiKruger United uthi leli qembu ngeke lisheshe ukumdedela.
Leli qembu lisalwela ukukhushulelwa kwiBetway Premiership futhi lingamdinga uma liphumelela.
“Basethubeni elihle lokukhuphuka,” kusho umthombo. “Ngakho bafuna ukugcina abadlali babo abamqoka njengoNdlovu okwamanje.”
Bobabili iChiefs nePirates kubikwa ukuthi bathungatha abagadli abasha abazoqinisa ngabo amaqembu abo ngesizini ezayo.
Njengoba le sizini seyiya ngasemaphethelweni nje, ukuhlelela ezayo sekuvele sekuqalile.
UNdlovu ubonakala engumdlali osemncane onethalente elikulungele ukukhuphukela esigabeni esiphezulu.
FUNDA NALA | Sekukhona umnyakazo ngodweshu lwase-Orlando Stadium
I-Kruger United iyazi ukuthi ingase imdinge uma igcina ikhuphukele esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
Lokhu kungase kubambezele noma yiziphi izingxoxo ezikhona ngokudayiseka kwakhe, kodwa yena ubukeka ezodlala esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
