EzintshaMamelodi Sundowns

Isiqalile futhi ukugqilaza iSundowns – ivuke ngoSuthu

Ibambane neChippa United ngo 1-1 ekuhambeni emdlalweni wayo wokuqala. Kodwa ngoLwesibili isisekhaya, izidlulele kalula kuMaZulu FC. 

ISundowns ikhombisile ukuthi namanje isekude kunamanye amaqembu njengoba ikwenze kwabukeka kulula nje ukushaya Usuthu.

Inqobe lo mdlalo ngo 2-0 wamagoli o-Iqraam Rayners noTashrique Mathews, ikhombisa umqeqeshi woSuthu ukuthi kusazomele aqinise emuva. 

Khonamanjalo, empini yamaqembu amasha kwiBetway Premiership, kunqobe i-Orbit College eshaye iSiwelele FC ngo 1-0 ngawo uLwesibili ebusuku. 

Igoli leMswenko Boys lishaywe uLetsie Koapeng ngomzuzu ka-73, kanti liqhamuke yize kade kuyiSiwelele esiphethe umdlalo. 

Komunye umdlalo wangoLwesibili ebusuku, iMarumo Gallants ibuyele phezulu eqhulwini kwilogi yeBetway Premiership.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ishaye i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni obuseBloemfontein. 

IPirates yona isabhajwe emsileni welogi njengoba seyidliwe kuyo yomibili imidlalo yayo yeligi.