Ezintsha

UManqoba Mngqithi utusa ‘idayimane’ alivunfulule kwi-Arrows

Umqeqeshi weGolden Arrows uManqoba Mngqithi usetuse kakhulu u-Ayanda Jiyane, emqhathanisa nowayengumdlali wasemuva weBafana Bafana uSiyabonga Sangweni.

UJiyane, oneminyaka engu-23 ubudala, ujoyine Abafana Bes’thende ngasekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokushiya iRoyal AM. 

Futhi usesheshe wazibonakalisa njengomdlali obalulekile emuva. Ukudlala kwakhe ngomgqigqo owodwa sekumenze waba ngukaputeni ngaphansi kukaManqoba Mngqithi.

Lo mqeqeshi we-Arrows ukholwa ukuthi lo mdlali osemncane odlala maphakathi emuva ube nesandla ekukhuleni kweqembu lakhe.

“Ngicabanga ukuthi ube nesandla kakhulu eqenjini lethu, kusho uMngqithi ngalo mdlali.

“Ukusebenzele ukungena eqenjini eliqala imidlalo waze wagcina engukaputeni ngoba engomunye wabadlali bethu abangaguquki.” 

Naphezu kokukhathazeka ngobufishane bakhe, uMngqithi ugcizelela ukuthi uJiyane inezimfanelo ezimenza kunganakeki ukuthi akekho mude.

“Ungikhumbuza uSangweni uma ebhekene nendoda ngqo. Muhle kakhulu, uyashesha, futhi unomdlandla. 

“Ungena khaxa kwindlela esifuna ukudlala ngayo, sidinga abadlali basemuva abanejubane nabangesabi,” kwengeza lo mqeqeshi.

UManqoba Mngqithi uphinde wancoma ukusebenzisana kukaJiyane noNtandoyenkosi Mabaso emuva, wathi ijubane nekhono labo kuqinise iqembu lakhe emuva.

Ube eseqhathanisa uJIyane nezinkakha zase-Italy ezazidume umhlaba wonke oFabio Cannavaro no-Alessandro Nesta.

Uthi nabo laba babengekho bade kodwa kwakungadlulwa kalula kubo emuva. 

Ukholwa ukuthi uJiyane engafika ezingeni elifanayo, inqobo nje uma ezoqhubeka nokuthuthuka ngezinga elifanayo.