
IKaizer Chiefs inxenxa omunye weBafana ozinze phesheya
Umkhankaso weKaizer Chiefs wokuthola abadlali baseNingizimu Afrika abangaphandle kwakuleli uyaqhubeka futhi seyihlonze omunye umdlali emfunayo.
Kubikwe kabanzi ngesonto eledlule ukuthi le kilabhu ezinze eNaturana ibheke ukunikeza uSiphele “Yaya” Sithole ithuba lokubuyela ekhaya azodlala kuyo.
Umqeqeshi uNasreddine Nabi ukuqinisekisile ukuthi ikilabhu isilishintshile isu layo lokuhlwaya abadlali futhi isigxile kakhulu kubadlali abangaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Lokhu uthe yingoba bakuthola kunzima ukuthi benze amaqembu akuleli abadayisele abadlali bawo.
Imibiko yakamuva isiveza ukuthi iKaizer Chiefs ibhekise amehlo komunye umdlali weBafana Bafana ozinze nodlala e-Europe.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
I-SNL24.com ibika ukuthi uLuke Le Roux ozinze eSweden nguye olandeayo ohlwini lwaMakhosi kanti le kilabhu yaseSoweto izama ukumncenga ukuthi abuyele ekhaya.
“Okunqunywe yiqembu ngomgomo walo wukuzama ukusayinisa abadlali engababangi nezimbangi zalo la ekhaya,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ezikhathini eziningi, lapho bebangisana neqembu lakuleli ngabadlali, bagcina bengakwazanga ukubasayina labo ladlali.
“Yingakho-ke manje sebephinde balandela uLuke Le Roux. UngowaseNingizimu Afrika kodwa njengamanje udlala e-Europe.
“Bakholwa ukuthi banethuba elingcono lokumsayinisa kunabadlali bakuleli ababafisayo.”
IKaizer Chiefs ike yamataniswa nenqwaba yabadlali bamaqembu ehlukene kuleli kodwa imizamo yayo yachithwa.
Kulabo badlali kukhona uFawaaz Basadien weStellenbosch FC, u-Oswin Appolis wePolokwane City no-Asanele Velebhayi weCape Town Spurs.
NgoJanuwari kubikwe ukuthi ichithwe nayiMamelodi Sundowns kade icela ukubolekwa uThembinkosi Lorch obengenandawo kuleli qembu lasePitoli.
Nokho uLorch ugcine ebolekiswa kwiWydad Athletic eqeqeshwa uRulani Mokwena eMorocco kunokuthi anikwe iChiefs.
Yikho lokhu osekwenze le kilabhu ivele ibone kungcono ivule enye imakethe kubadlali bakuleli abadlala kwamanye amazwe.
Kunombono wokuthi amaqembu akuleli avele ayinyuse kakhulu imali ayifuna ngomdlali uma iKaizer Chiefs ike yavela izocela ukudayiselwa yena.
