Betway PremEzintsha

Usephenduke inhlanzi eshelwe ngamanzi umqeqeshi kwelePSL 

Kubukeka ezokhonjwa indlela afika ngayo maduze umqeqeshi welinye lamaqembu eBetway Premiership.

Sekuvele ukuthi ubuholi baleli qembu abeneme neze, futhi bubona ingekho into engcono umqeqeshi asangayenza.

Ngokombiko we-iDiski Times, u-Eric Tinkler usephenduke inhlanzi eshelwe amanzi kwiSekhukhune United. 

Kuthiwa abaphathi bekilabhu bahlale naye phansi ngoMsombuluko ekuseni babonisana ngokuthi kungahlukwana kanjani ngesihle. 

Lokhu kulandela imiphumela engagcilisi yaleli qembu muva nje. Yize linqobile kule mpelasonto, kodwa lokho akumsizanga umqeqeshi.

Ubevele eye kulo mdlalo ahlule kuwo iMagesi seliyoshona esevele esenyamanambna kubaphathi abangawuboni umthelela wakhe.

Ngokwezibalo, uTinkler uphathe imidlalo engu-38 kusukela ethathe izintambo ngoMashi wanyekenye. 

Kule midlalo unqobe engu-16, wadlala ngokulingana kwengu-12, wabe esehlulwa kweyishumi – okuyizibalo ezingezimbi kangako.

Kodwa kuthiwa abaphathi babheke indlela abafisa iqembu lidlale ngayo, babe sebebona ukuthi aliyi ngakhona njengamanje. 

Ngokombiko, kungenzeka akhululwe maduze, bese kumenyezelwa umqeqeshi ozobamba izintambo kule midlalo embalwa esele kwiligi.