Ezintsha

U-Arendse naye usole unompempe ezakhe zibhuquziswa yiGalaxy

ISuperSport ikhale ngaphansi kulo mdlalo weBetway Premiership obuseMbombela Stadium ngoLwesibili.

U-Arendse ukhombe okwenzeke ngasekupheleni komdlalo ngokuthi kubathene amandla.

Kuthe ngasekupheleni komdlalo uNeo Rapoo wabonakala ephushwa, okuvumele iGalaxy ukuthi ishaye igoli layo lesithathu. 

Leli goli licacisile ukuthi ngeke iSuperSport isakwazi ukubuya kulo mdlalo ngisho kungenzekani.

U-Arendse ukholwa ukuthi ukungenzi kahle konompempe kwehlisa izinga leligi eNingizimu Afrika.

“Ujaha umdlalo, futhi ulandela emuva ngo 2-1, usenethemba. Bese kwenzeka into efana naleya, kuvele kukuqede nya amandla,” kusho u-Arendse.

Le nsizwa eyayingunozinti weBafana Bafana icele ukuba kulungiswe izinga lonompempe, lithi ukwenyuka.

“Sifuna onompempe babe ngcono. I-PSL kufanele ibe nonompempe bezinga eliphezulu. 

“Abaqeqeshi bahlulelwa ngemiphumela, futhi nonompempe kufanele kube yinto efanayo kowabo umsebenzi,” kwengeza yena.

Naphezu kokukhungatheka kwakhe, u-Arendse uvumile ukuthi iGalaxy iwusebenzele kahle umphumela futhi uyifanele.

“Kumele ngibe nobulungiswa; iGalaxy ibifanelwe ukunqoba. Besijaha izithunzi umdlalo wonke nje, bawathole kufanele amaphuzu amathathu.”

Ukuhlulwa kushiya iSuperSport isendaweni engajwayelekile kwilogi njengoba ihlezi endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-21.

Leli qembu lasePitoli, elijwayele ukuba phakathi kwamaqembu ayisithupha aphezulu kwiligi ngalesi sikhathi sesizini, lingenhla ngamaphuzu amabili kwezindawo zokugawulwa yizembe. 

Lokhu kubeka ukungabaza kumqeqeshi uGavin Hunt obemisiwe emidlalweni emibili edlule futhi obengekho ebhentshini.

Ubengekho ngesikhathi behlulwa yi-Orlando Pirates sekukhahlelwa amaphenathi kwiNedbank Cup, kanti ubengekho ngesikhathi iGalaxy ibagila igoda.