UMhlongo unqumela iPirates okatiki ngeligi
- Alfred NGUBANE
Owayengunozinti we-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo ubona ithuba elihle lokulwela isicoco seBetway Premiership kumqeqeshi uJose Riveiro.
IPirates isilale isibili kwiMamelodi Sundowns amahlandla amaninginga njengoba lezi zinkunzi zaseTshwane sezisidle iminyaka eyisikhombisa isicoco seligi.
Nokho njengoba iSundowns yenze izinguquko ezishaqisayo ethimbeni labaqeqeshi noRiveiro engena kunyaka wakhe wesithathu ekwiPirates, uMhlongo ubona intuba.
“UJose Riveiro usethubeni elingcono kule sizini lokuyeqa iMamelodi Sundowns, anqobe isicoco seBetway Premiership,” kusho uMhlongo ekhuluma neLisenethini.
“Usebe ngumqeqeshi weqembu lePirates amasizini amabili manje futhi ukwazile ukunqoba iMTN8 Cup kabili neNedbank Cup kabili,” kwengeza uMhlongo.
“Manje into esemqoka kuyena kufanele kube wukumisa ukukhonya kweMamelodi Sundowns esicocweni seligi.
“Manje useyazi kangcono iBetway Premiership futhi kufanele abe nombono wokuthi angayiwina kanjani.”
UMhlongo ukholwa wukuthi ukuqiniswa kweqembu lePirates eminyakeni embalwa edlile kuyibeka endaweni engcono.
“Eminyakeni embalwa edlule i-Orlando Pirates ithenge abadlali abaseqophelweni eliphezulu abangasinqoba kalula isicoco seligi.
“Futhi ngicabanga ukuthi bayakuqonda ukuthi kufanele bawine iBetway Premiership kule sizini.
“Ngicabanga ukuthi izinguquko ethimbeni labaqeqeshi kwiSundowns zizowenza umehluko ozosiza i-Orlando Pirates.”
IPirates ibheke ukuphinde ivikele isicoco sayo seMTN8 njengoba ihlule iSuperSport United emdlalweni wayo wokuqala kulo mqhudelwano ngempelasonto edlule.
OLUNYE UDABA: UMokwana nokwenze agabhe iChiefs, Downs, aqome i-Esperance
Leli qembu lizodlala emiqhudelwaneni eminingi kule sizini njengoba lizolwlea iBetway Premiership, iCarling Knockout Cup, iNedbank Cup, neCaf Champions League.