
UKhanye usola ‘ingxabano’ kuMngqithi nomdlali kwiDowns
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, usenokungabaza isinqumo somqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi sokubeka umdlali ovelele uThemba Zwane ebhentshini.
UKhanye ukholwa ukuthi kunokuthile okushaya amanzi, okungase kube yikho nomthelela ezinqumweni zikaMngqithi ngoZwane.
“Ngicabanga ukuthi lokhu kukhoma inkinga ekhona phakathi kukaMshishi (Zwane) noMngqithi,” kusho uKhanye.
“Umqeqeshi ulwa naye. Lapho ngithi ukulwa, angisho ngokwezandla, kodwa angiqondi ukuthi kungani engadlali”.
UZwane, ongomunye wabadlali basesiswini abahamba phambili eNingizimu Afrika, ubelokhu engumdlali obalulekile kwiSundowns eminyakeni edlule.
Usanda kudlala kahle kwiBafana Bafana, lapho abe ngukaputeni weqembu lesizwe.
Lokhu kwaphakamisa imibuzo eminingi mayelana nokungaqali kwakhe imidlalo kwiSundowns.
“Ube ngukaputeni weBafana Bafana futhi wadlala kahle phakathi nesonto,” kuqhuba uKhanye.
“Pho kungani umqeqeshi weSundowns engamdlalisi yena? Kuyangabazisa lokhu.”
Nokho iSundowns inqobe ngembudlu yamagoli ngempelasonto edlule yize uZwane ebesebhentshini.
Bashaye izinkunzi zase-Eswatini, iMbabane Swallows ngo 4-0 emdlalweni womlenze wokuqala kweyokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League.
UMngqithi namuhla (ngoLwesibili) uzohola leli butho lakhe njengoba beqala ukuvikela isicoco sabo seligi, manje esibizwa ngeBetway Premiership.
OLUNYE UDABA: UNurkovic uphoqe ukuphuma kwiGalaxy, ukhumbule ‘ekhaya’
Bazokwamukela izimbangi zabo zasePitoli, iSuperSport United eLoftus Stadium emdlalweni ozoqala ngo-7: 30 ebusuku.
