Ezintsha

UMalesela ucikwe umfana oqoqa amabhola eshaywa yiCity 

Umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan Malesela, ugxekile ukuziphatha kwabafana abaqoqa amabhola ngesikhathi iqembu lakhe lihlulwa ngo 1-0 yiPolokwane City ngeSonto.

Lesi sigameko senzeke ngesiwombe sesibili ePeter Mokaba Stadium ngesikhathi umfana oqoqa amabhola egoloza ukunikeza iGallants ibhola. 

Lokhu kuholele ekutheni kube nokunengeka ebhentshini leGallants, kwangenelela uMalesela nabanye belwisa lo mfanyana bethi akabuyisele ibhola enkundleni ngokushesha. 

Sekungokwesibili abafana abaqoqa amabhola kwiPolokwane City benza into efanayo.

Benza okufanayo ngesikhathi iCity ihamba phambili ngo 1-0 ibhekene neKaizer Chiefs ngesonto eledlule.

Lokhu kwaholela ekutheni abalandeli beChiefs bathukuthele bagane unwabu, baze bazama ukumikijela lo mfanyana owayebambezela ukubuyela kwebhola enkundleni.

UMalesela ukugxeke kakhulu lokhu kuziphatha, esola abantu abadala ngokufundisa izingane ukuwenza izinto ezingalungile.

“Abantu abadala yibo abafaka lesi sifundo,” kusho uMalesela ngemuva komdlalo ngokubika kwe-iDiski Times. 

“Ufundisa izingane ubugebengu. Lokhu kungaholela ekutheni bafunde nokweba.

“Njengamanje beba isikhathi somdlalo, beba amaminithi abalandeli abawakhokhele ukuwabuka.”

Ugcizelele ukubaluleka kokufundisa izingane ukwethembeka nokungenzeleli zisencane. 

“Lezi zingane zingase zibe abadlali bebhola kusasa. Mabakhuliswe kahle. Ukuwina kubalulekile, kodwa hhayi ngokwenza okungalungile.”

UMalesela uphinde wacela ukuthi ukunqoba nokuhlulwa kwemukelwe ngendlela enesizotha.

“Uma uhlulwa, hlulwa ngesizotha. Uma unqoba, unganikezi isikhala sokugxekwa okona ukuwina kwakho.”

Umqeqeshi wePolokwane City, uPhuti Mohafe, akavumelananga noMalesela, wathi ukubambezeleka kokubuyiselwa kwebhola akwenziwanga ngenhloso. 

Nokho wengeze ngokuthi uma kuwukuthi kunobufakazi bokuthi bekwenziwa ngamabomu kumele kuthathwe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe.

“Uma kwenziwa ngamabomu, umfana kufanele aziphendulele. Sidinga ubulungiswa kuwo wonke umuntu ovakashela inqaba yethu,” kusho uMohafe.