
UDa Cruz ungene ezintangeni ngabasha kwiChiefs
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando da Cruz, usephawulile ngamahlebezi okuthi leli qembu lisematasa emakethe yabadlalu.
Iwindi lokudayiselana ngabadlali lizovalwa ekupheleni kukaSepthemba.
UDa Cruz ubuzwe ngalolu daba ngemuva kokuhola iChiefs yanqoba iKruger United ngo 3-1 emdlalweni wokuvula isizini yeBetway Premiership.
Lo mphumela ubeke Amakhosi esicongweni seligi ngosuku lokuqala lwemidlalo.
Nokho, lo mqeqeshi waseFrance akazange aveze ukuthi kuzoba khona yini abanye abadlali abazofika eNaturena.
Esikhundleni salokho, ugcizelele ukuthi bonke abadlali asebenabo banendima ebalulekile eqenjini.
“Akukhulunywa ngabadlali abaqala umdlalo kuphela. Kukhulunywa ngeqembu lonke,” kusho uDa Cruz.
“Bonke abadlali babalulekile. Nalabo abangene besuka ebhentshini namuhla benze umsebenzi omkhulu futhi basisize sagcina izinga lomdlalo liphezulu.”
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uWandile Duba eshaye amagoli amabili esuka ebhentshini, waqinisekisa ukunqoba kweChiefs.
Ngesikhathi ephinde ebuzwa ukuthi abalandeli bangalindela yini abanye abadlali abasha ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokusayinisa, uDa Cruz uvele wangena ezintangeni.
Kunalokho, uthe okubalulekile njengamanje wukuqhubeka nokuthuthukisa indlela iqembu elidlala ngayo.
“Kusekuningi okufanele sikulungise emdlalweni wethu. Kumele siqhubeke nokusebenza nsuku zonke.
“Okwamanje kumele sehlise umoya ngoba asikafinyeleli ezingeni esifuna ukuba kulo.
“Kumele siqhubeke nokusebenza kanzima eNaturena,” kusho uDa Cruz.
- FUNDA NALA | OwePirates uphawula ngoPedersen
Amazwi kaFernando da Cruz azoshiya abalandeli be-Kaizer Chiefs beqhubeka nokuqagela ukuthi ngabe iqembu seliqedile yini ukusayinisa abadlali.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
