
UMakhoye we-Orbit uveza okubaqhathe nenduku yeSundowns
Usale ebubula, ekhala ngokumiswa komdlalo isikhashana umqeqeshi we-Orbit College eshaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 ngoMsombuluko ebusuku.
ISundowns iqhubeke nomgqigqo wayo omuhle kulo mdlalo wayo wokuqala wonyaka – yawaqoqa wonke amaphuzu emdlalweni weBetway Premiership.
Lokhu kunqoba emdlalweni obuseLoftus Stadium kuyibuyisele eqhulwini, kodwa uMkakhoye yena usale nesikhalo ngokwenzeke ngasekuqaleni komdlalo.
Ukholwa wukuthi ukube umdlalo awuzange umiswe isikhashana esiwombeni sokuqala ngabe abazange balahlekelwe umgqigqo.
Umdlalo ubumiswe ngenxa yezibani ebezingasebenzi kahle, kodwa zalungiswa wabe sewuqhubeka waze waphela.
“Ngize ngatshela iphini lami ukuthi ngikhathazekile ngokumiswa komdlalo ngoba kuzosikhubaza thina,” kusho lo mqeqeshi.
“Besenza kahle kakhulu ngaphambi kwaleli khefu, sabe sesilahlekelwa wumgqigqo ngemuva kwalo.”
Igoli lokuqala libe yinhlanhla yeSundowns njengoba unozinti we-Orbit uCyril Chibwe enze iphutha elibucayi eliphethe ngokuthi uLucas Sales ashaye elihle igoli.
Elesibili lishaywe uBrayan León ongomunye wabadlali abasha beSundowns nobedlala okokuqala kuleli qembu lasePitori.
ISundowns manje seyizojika ukugxila kwayo kubheke kwiCaf Champions League njengoba inomdlalo walo mqhudelwano ngempelasonto.
Izobhekana ne-Al Hilal yaseSudan kuyo le nkindla yayo ngoLwesihlanu ebusuku emdlalweni kaGroup C.
Ukunqoba kubalulekile, okuyingakho uMiguel Cardoso ebanike ikhefu abanye babadlali bakhe abaphambili kulo mdlalo wangoMsombuluko.
FUNDA NALA | Ibambene ngezihluthu kuModdendorp noTruter
Ozonqoba nguye ozobe esezihola phambili kuleli qoqo okukhona kulo iMC Alger kaRulani Mokwena neSt Eloi Lupopo yaseDR Congo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
