
ISpurs isijikele ‘kuPlan B’ ukuze ihlale kwiPSL?
Ngesikhathi isalinde umphumela wecala layo elifake eNkantolo eNkulu, iCape Town Spurs isidlulele kuPlan B ukuze iqinisekise ukuthi iyahlala ebholeni elikhokhelayo.
Leli qembu elizinze eWestern Cape lidliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini.
Kodwa livulele iqembu elidle umhlanganiso kulesi sigaba, iDurban City, icala lokusebenzisa umdlali obhaliswe ngendlela engafanele.
Icala labo lachithwa yisigungu sePSL esixazulula amacala, kanti nomxazululi weSafa naye ulichithile – zombili lezi zinhlaka zithe akukho okungalungile okwenziwa yiCity.
ICape Town Spurs ibe seyidlulela eNkantolo eNkulu yaseGoli la isilifake khona leli cala layo.
Ilwa ngokuthi uSaziso Magawana ubhaliswe kusetshenziswa incwadi yemvume engafanele.
Uma icala ligcina liyivunile, iDurban City ingase iphucwe amaphuzu ewathole ishaya iCape Town Spurs.
Lokhu kuzosho ukuthi i-Urban Warriors ngeke isagawulwa yizembe futhi ngeke isehlela ezigabeni zeSafa.
Kodwa nakuba icala lingakazophothulwa, iLisenethini isithole ukuthi manje leli qembu selidlulele kuPlan B walo ukuze lihlale kulesi sigaba ebelikuso.
Umthombo uveze ukuthi iCape Town Spurs isezingxoxweni nePretoria Callies ngenhloso yokuthenga isitifiketi sayo seNFD.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi izingxoxo zikude kangakanani njengamanje, kodwa kukhona okwenzekayo lapho,” kusho umthombo.
Kukholakala ukuthi iCallies isevele yavula indali ngabadlali bayo ngoba ilungiselela ukudayiswa kweqembu.
Leli qembu kusanda kuvela ukuthi selidayise abadlali abathathu kwiPolokwane City edlala kwiBetway Premiership.
Kuthiwa lisavulelekile nokudedela abanye abadlali balo uma kukhona amaqembu afikayo ezobafuna.
