EzintshaMamelodi Sundowns

‘Bazobamba iLotto’ abeSundowns uma benqoba kwiPyramids

Lezi ziqhwaga zaseTshwane zizohlangana nePyramids FC yase-Egypt kulo mdlalo oseJune 30 Stadium, eCairo. Uqala ngo-7 ebusuku. 

Umbiko weSunday World uthi abaldali beMamelodi Sundowns nethimba labaqeqeshi bazobe babambe iLotto uqobo uma benqoba kulo mdlalo.

IMamelodi Sundowns idinga ukujika izinto njengoba umlenze wokuqala waphela zibambene ngo 1-1. 

Nokho le ‘Lotto’ ezotholwa ngabadlali uzoyifaka umfutho zokuthi iphakamise indebe yayo yesibili yeCaf Champions League.

Uma ikwenzile lokho, iqembu lizokwabelana ngemali engu-R70-million etholwa yikilabhu enqobe lo mqhudelwano. 

Lokhu kusho ukuthi umdlali ngamunye nabaqeqeshi bengathola imali elinganiselwa ku-R2-million ngamunye.

Yize yangenelwa yigoli elibuhlungu ngomzuzu wokugcina eLoftus Versfeld emlenzeni wokuqala, leli qembu lisazethemba. 

Umthombo osondelene neqembu ucashunwe uqinisekisa ukuthi le mali ezowinwa izonikwa abadlali yonke, nakuba lokho kungekho kwizinkontileka zabo.

“Umndeni wakwaMotsepe uphana kakhulu. Akukho ezinkontilekeni zabadlali, kodwa kuyinto evamile ukwenzeka. 

“Abadlali nethimba labaqeqeshi babelana ngayo yonke imali abayinqobile,” kusho umthombo.

Ngesikhathi iSundowns iwina iChampions League ngo-2016, iqembu lahlukaniselana uR20-million. 

Kulo nyaka, imali iphezulu kakhulu, futhi indlala yokunqoba le ndebe yezwekazi inkulu.

Usihlalo weqembu uTlhopie Motsepe uzwakalise ukulethemba iqembu ngaphambi komdlalo wangeSonto. 

“Yilokho esikufunayo — ukuna ngompetha base-Afrika. Siselelwe yigxathu elilodwa ekutheni sikufeze,” kusho yena.

UMotsepe uphinde wancoma ukuqina kweqembu ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso.

Lo mqeqeshi wasePortugal uthathe izintambo ngaphandle kokuhlomula ngamalungiselelo angaphambi kwesizini. 

“Akazange alikhethe iqembu noma abe nesikhathi sokugxilisa izindlela zakhe zokudlala, kodwa nakhu la sikhona manje.

“Sisemdlalweni wamanqamu. Lokho kusho lukhulu kakhulu kithi.”

ISundowns iphinde igqugquzelwe yithuba lokuya kwiFifa Club World Cup njengompetha base-Afrika.