EzintshaMamelodi Sundowns

Uthembisa okungcono ngokuzayo uCardoso kwiSundowns

Ompetha beBetway Premiership bahlulwe ngo 3-2 sekuhlanganiswe imiphumela yiPyramids, ebidlala okwesibili kwiChampions League. 

Kube yisiphetho esibuhlungu kwiSundowns, ebibheke isicoco sayo sesibili sezwekazi ngemuva kokusinqoba ngo-2016.

UMiguel Cardoso uzwakalise ukuziqhenya ngabadlali bakhe yize behluliwe.

“Angijabule, kodwa ngiyaziqhenya ngesikuzuzile,” kusho uCardoso. 

“Ukufika kowamanqamu akuyona into abadlali, abaqeqeshi, noma amakilabhu amaningi angathi akwenzile.”

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi iqembu lakhe lihluleke ngesikhathi esibalulekile.

“Asizange sifike ezingeni ebesilidinga. Bekungekhona ukuthi ubani obengcono noma obengenzi kahle… 

“Iqembu elinqobile belikufanele. Kodwa kukhona okushodile ngakithi.”

UMiguel Cardoso ubalule indlela yabo ebheke kowamanqamu, okudingeke bachilize endleleni izinkunzi zalo mqhudelwano i-Al Ahly.

“Sihlule i-Al Ahly kowandulela owamanqamu, ebinqobe le ndebe ngesizini edlule, ne-Esperance eyaqeda endaweni yesibili ngokudlule. 

“Ngesikhathi ngifika, le kilabhu beyidonsa kanzima, idlula kanzima esigabeni samaqoqo. 

“Sibhekane neRaja Casablanca ne-ASFAR okungamaqembu anzima kodwa saphumelela. Lokho kukhombisa izinga esesikulo njengeqembu.”

Lo mqeqeshi ubehlulwa okwesibili kulandelana kowamanqamu kwiChampions League njengoba ngesizini edlule ebekwi-Esperance eshaywe yi-Al Ahly.

“Yebo lo muzwa uyababa impela,” kuvuma yena. “Kodwa ngiyaziqhenya ngokuhola leli qembu lezinsizwa.

“Bangompetha endleleni abaphila ngayo, indlela abaziqeqesha ngayo, indlela abazibophezela ngayo. Sizodlula kulokhu.”

ISundowns manje isizobheka ukugxila kokulandelayo. Izoya kwiFifa Club World Cup eqala ngoJuni 12 e-US.

“Sizobuyela emuva, sisethe kabusha imigomo yethu, bese sibuya ngamandla. Inhloso ukufinyelela kowamanqamu, bese siwunqobe,” kuthembisa uMiguel Cardoso.

Nokho amehlo azothi njo kubaphathi beSundowns ukuthi bazokwenzenjani ngaye.

Phela uRulani Mokwena waxoshwa ngoba ehluleke ukunqoba lo mqhudelwano yize eyeqophe amarekhodi futhi wayinqoba iligi yakuleli.