EzintshaKaizer Chiefs

UMakaab ucacisa eyokumataniswa kukaMngqithi neChiefs

Ukuqagela okumatanisa uManqoba Mngqithi neKaizer Chiefs kusalokhu kuqhubeka.

Manje imenenja yalo mqeqeshi, uMike Makaab, seyigcine iphawulile ngala mahlebezi.

UManqoba Mngqithi usengomunye wamagama avela njalo lapho kukhulunywa ngomqeqeshi olandelayo weKaizer Chiefs. 

Amakhosi awanaye umqeqeshi selokhu kushiye uNasreddine Nabi kungalindelekile ngasekuqaleni kwale sizini.

UCedric Kaze noKhalil Ben Youssef bahola leli qembu okwesikhashana kuze kuphele isizini. 

UMngqithi usezakhele igama ngokuvuselela iGolden Arrows yaba ngelinye lamaqembu adlala ibhola elikhangayo kwiligi.

Uhlanganise kahle abadlali abasebancane, wabafaka umoya wobuqhawe nokusebenzisa ngokukhululeka amakhono abo emvelo.

Kodwa ngokusho kukaMakaab, akukho okusemthethweni okusavele kwiChiefs.

“Kuke kwaba namahlebezi kwabezindaba, kodwa angizange ngibe nezingxoxo ezisemthethweni neKaizer Chiefs ngoManqoba Mngqithi,” kusho uMakaab kwiFARPost.

Le menenja enolwazi uphinde wakubeka kwacaca ukuthi uMngqithi akadingi “ukumakethwa” ngenxa yempumelelo yakhe.

“UManqoba ungumqeqeshi onolwazi olunzulu, futhi impumelelo yakhe isobala,” kwengeza uMakaab. 

“Angicabangi ukuthi kunesidingo sokuthi mina ngidayise uManqoba ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika.”

UMakaab uchaze uthe uMngqithi akabhekile igama leqembu azosebenza kulo, kodwa ufuna umsebenzi ohleleke kahle.

“Okunika uManqoba umfuthi yithuba lokuthatha iphrojekthi futhi ahlanganise umbono weqembu futhi kuzuzwe izinjongo zeqembu.”

Yize kunjalo ugcizelele ukuthi noma yiliphi iqembu elinentshisekelo kumele lihloniphe ukuthi uMngqithi usenenkontileka ne-Arrows.

“Sihlala sivulekele kumakilabhu anentshisekelo, kodwa kufanele sihloniphe ukuthi unenkontileka neGolden Arrows.”

Okwamanje, amahemuhemu asazohlala eyilokho – amahemuhemu.

Kodwa kwiKaizer Chiefs, lapho ingcindezi ikhula njalo, igama likaManqoba Mngqithi lisazohlala limataniswa naleli qembu.