
U-80% kuphela ofanele ukuba kwiChiefs, abanye uvucu – Tau
- Alfred NGUBANE
UJimmy Tau, oyinkakha yeKaizer Chiefs useveze ukuthi yize ubonakala umehluko oza nomqeqeshi uNasreddine Nabi, kodwa ushoda ngabadlali.
Ukusho lokhu ngesikhathi elumana indlebe neLisenethini ngomphumela weChiefs neMamelodi Sundowns womdlalo womkhumulajezi obuseFNB Stadium ngoMgqibelo.
“UNasraddine Nabi ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu kodwa ushodelwa ngabadlali abayikhwalithi kuphela,” kusho uTau.
“Lokhu kuhlale obaka ngoMgqibelo eFNB Stadium ngesikhathi iMamelodi Sundowns iyishaya kalula iKaizer Chiefs ngo 4-0.
“Kuzomele abaphathi beKaizer Chiefs balusukumele ngempela lolu daba ngoba kubadlali abakhona njengamanje, bangu-80% kuphela abafanelwe ukuba kwiKaizer Chiefs.”
UTau ukuncomile ukuthi uNabi uyabasebenzisa abadlali abasebancane, wathi kodwa kumele babe nasebekhulile abazobaseka.
“Abafana abancane kuphela abalungele ukugcinwa yiKaizer Chiefs… NjeMduduzi Shabalala, uMfundo Vilakazi, uRushwin Dortely, uWandile Duba, noSamkelo Zwane.
“Abadlali abadala kumele ngabe yibona abahola abadlali abancane kodwa manje akwenzeki kanjano.
“Kungakho umqeqeshi uNasraddine Nabi esebenzisa abadlali abancane ngoba abadala abekho ezingeni lokudlalela iKaizer Chiefs.
“Kodwa uma ngabe ukhumbula, uNabi wake wachaza ukuthi abadlali abafice kwiKaizer Chiefs abalona uhlobo lokudlalela iKaizer Chiefs.
“Lokho sekugqame kakhulu manje njengoba imidlalo yeBetway Premiership iya ishuba.
“Kuya ngokuvela ukuthi kuningi lapho kuxega khona kwiKaizer Chiefs,” kuphetha uTau.
