
URele Mofokeng uveza okubasizayo e-Orlando Amstel Arena
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates useveze izizathu ezibenze bakwazi ukuwaqoqa kalula amaphuzu amathathu kwiMagesi FC ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates idlale kahle futhi yasheshe yawashaya amagoli ngesikhathi ihlula iMagesi ngo 2-0 e-Orlando Amstel Arena.
URele Mofokeng ubesefomini enhle futhi ube nesandla kuwo womabili amagoli – ushaye enhle iphasi eyibhekise kuYanela Mbuthuma kwelokuqala.
Kwelesibili ube esezishayela yena ngokwakhe, ekhombisa ubuchule obungandile ngomgundatshani webhola.
Ngemuva kwalo mdlalo, uMofokeng uqokwe njengoMdlali oVelele, uthe bebezimisele ukulungisa amaphutha enza behluleka ukuwina kwiSekhukhune United ngempelasonto edlule.
“Senze kahle kakhulu, yinto ebesiyenzile ejimini ukuthi siligqobhola kanjani iqembu elihlala emuva,” kusho uMofokeng.
“Impela besiwadinga amaphuzu amathathu. Emdlalweni wokuqala siliyekile ithuba lokuwaqoqa.
“Yingakho sibone lo mdlalo uyithuba lokulungisa amaphutha futhi senze kahle kakhulu ukuthi siqoqe amaphuzu aphelele.”
URele Mofokeng uncome negalelo labalandeli, wathi umfutho abafika nawo enkundleni ubanika amandla edlulele.
“Abalandeli bethu bahlezi bephuma ngobuningi futhi lokho kwenza kube lula kithi – kusinyusela ukuzethemba.
“Ukuseseka abasinika khona kwenza izinto zibe lula. Noma kuba nzima, kusenza siqinisele. Kumele baqhubeke baseseke.”
Ngalokhu kunqoba, iPirates ibuyele endaweni yesibili la ilingana khona ngamaphuzu neMamelodi Sundowns okuyiyo eqhwakele ngenxa yamagoli.
FUNDA NALA | UKwayiba uchiphize izinyembezi eshaya amagoli
Nokho yona isasilele emuva ngomdlalo owodwa. Uma ingawunqoba lo mdlalo izobe seyiqhwakela futhi ihambe phambili ngamaphuzu amathathu.
Izobhekana naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku emdlalweni ozoshisa ngokokubheka umgqigqo wawo womabili lamaqembu.
Okunye okuzekwenza ushube lo mdlalo wukuthi nawo AmaZulu akhona embangweni wesicoco seBetway Premiership njengoba esendaweni yesine.
