EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza abeKaizer Chiefs bazethembe koweZesco

Amakhosi ayandiza ku-2026. Asedlale imidlalo emithathu, ayinqoba yonke — futhi awakangenelwa nayelilodwa igoli hhayi kuyo yonke imiqhudelwano. 

Ukuzethemba kuphezulu, kodwa umyalezo ovela ekhempini yeKaizer Chiefs ucacile: kumele bangaziphakamisi.

Injini yasesiswini uLebohang Maboe, edlale kahle behlula iZesco ngo 1–0 eZambia ngempelasonto edlule, ithi ukubamba umgqigqo kuzoba wukhiye.

“Siwuqale kahle kakhulu unyaka,” kusho uMaboe. “Sisebenza kanzima futhi siyawaqoqa amaphuzu.

“Kodwa kufanele sizehlise futhi futhi siqhubeke nokwakha umfutho.”

Uzakwabo odlala esiswini uNkosingiphile Ngcobo, obekhona begoba iMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership phakathi nesonto, unanele lo mbono.

“Siwina imidlalo yethu futhi sifuna okwengeziwe kunalokho. Ukuzethemba kukhona futhi siwubheke ngabomvu umdlalo.”

Bobabili laba badlali bayazi ukuthi yini okufanele yenziwe ukuqinisekisa ukuthi iqembu liyadlula esigabeni samaqoqo.

“Lona ngumdlalo obaluleke kakhulu ngoba sidinga amaphuzu ukuze siphume eqoqweni,” kusho uMaboe. 

“IZesco iyiqembu okungelula ukudlala nalo, kodwa ukujula kweqembu lethu kunamandla ngokwanele ukubahlula njengoba sisekhaya.”

IKaizer Chiefs ilindele umdlalo onzima, kodwa uMaboe ukholwa ukuthi inkundla engcono eThekwini izohambelana kangcono nendlela yabo yokudlala.

“Badlala amabhola amade bese belwela ukulithola kuqala ibhola. Sizozama ukugcina ibhola.

“Singabakhungathekisa ngalokho, bese sithola izikhala. Uma sishaya igoli kuqala, kuzobaphoqa ukuthi bavuleleke.”

UNgcobo ujabulela ukuthi basekhaya kulokhu la belindele khona izindimbane zabalandeli abazobeseka kulo mdlalo.

“Sizolwa njengoba senza emdlalweni wokuqala. Ukuba nabalandeli bethu ngemuva kwethu kusinika umfutho omkhulu. Sifuna ukubanika okuthile ukuze bajabule.”

UMaboe ugcine ngokunqekuzisa ukuzinikela kwabo kubalandeli naseqenjini.

“Ukuseseka kwabo kusho lukhulu kithi. Siyababona, siyabezwa, futhi sizoqhubeka sizama ukubenza baziqhenye.”

Lo mdlalo kaGroup D uqala useMoses Mabhida Stadium eThekwini kanti uqala ngo-3 ntambama — iChiefs yazi ukuthi ukunqoba kungashintsha yonke into.

  • IChiefs ibophele kanje: Petersen © – McCarthy, Miguel, Kwinika, Solomons – Ndlovu, Maboe, Vilakazi, Mmodi – Lilepo, Da Silva
  • Ebhentshini: Bvuma, Msimango, Mako, Monyane, Mabaso, Sirino, Shabalala, Duba, Velebayi