
ULiam Bern woSuthu uphefumula ngotalatiya lweSpurs
Umdlali wasesiswini waMaZulu FC uLiam Bern uthi icala lakhe neCape Town Spurs “lingithikamezile ngokomqondo,” lambambezela ukuqhubekela phambili nempilo.
ULiam Bern udlale okokuqala eqenjini lakhe elisha behlula iSiwelele FC ngo 2-0 ngempelasonto edlule.
Lokhu kungemuva kokuthi iSpurs beyigodle futhi igoloza nencwadi emvumela ukuthi adlale kwelinye iqembu yize ubengenankontileka nayo ngokomthetho wePSL.
Uncome umqeqeshi woSuthu, u-Arthur Zwane ngokumeseka kulo lonke lolutalayita abebhekene nalo.
“Ubehlale ekhuluma nami kanti izingxoxo zethu yizo ebezingigcina nginethemba,” kusho lo mdlali wasesiswini.
ULiam Bern uthe ugcwele ukubonga, wathi: “Ngeke ngiqambe amanga, icala langithikameza ngokomqondo, kodwa bekulokhu kukhona abantu abangisekayo lapha kuMaZulu.”
Lo mdlali wasesiswini uzwakalise injabulo ngemuva kokudlala okokuqala, wathi kuhle kube mnandi ukuba senkundleni emdlalweni osemthethweni ngemuva kwesikhathi eside.
“Angazi nokuthi ngithini… Ngijabule kakhulu. Sekunesikhathi ngibheke ukudlala kule kilabhu.
“Okungihehe kakhulu kuMaZulu wukuthi ayiqembu elikhulu elinabalandeli abaningi.
“Benze izinto ezinhle esikhathini esidlule. AmaZulu awumndeni omkhulu futhi ojabule,” kusho yena.
Ubonge nomndeni wakhe ngokumeseka ngesikhathi elwa isikhathi eside neSpurs ebinqaba ukumkhulula ukuthi aqhubekele phambili nebhola lakhe.
“Umama nodadewethu nabo babengeseka ngokuphelele. Lesi simo singifundise ukubekezela.
“Khona ibuhlungu indlela engihambe ngayo (kwiSpurs)… akuyona indlela ebengingafisa kwenzeke ngayo.”
UBern usezobheka ukwakhela phezu komdlalo wakhe wokuqala omuhle uma AmaZulu esevakashele izimbangi zawo zesifundazwe iRichards Bay FC.
FUNDA NALA | OweChiefs ujabule ngababizwe kwiBafana kodwa…
Lo mdlalo weBetway Premiership olindelwe ngabomvu – obizwa ngeKwaZulu-Natal Derby – uhlelelwe ukuba seMhlathuze Sports Complex kanti uzoqala ngo-7.30 ebusuku.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
